Iyamaniswa nobukhosi obubangwayo eyokubulawa kowesifazane

627

Kuthiwa abebehlasela baqhubekile badubula ngisho imoto isiphaphalazile

SKHOSIPHI MTHEMBU
SIYAQHUBEKA nokushuba isimo ebukhosini baKwa-Ngcobo, eQiniselani Manyuswa, eZingolweni, kulandela ukuhlaselwa komndeni wenduna, kwashona indodakazi yayo. NgoLwesine kudutshulwe umndeni wenduna obuhamba ndawonye emotweni, kwashona indodakazi yayo. Kubiwa ukuthi induna uMnu Mfana Gumede, ibengekho emotweni ngesikhathi kuhlaselwa umndeni wayo. Kuthiwa imoto ibihamba indodakazi yayo uNkz Bongiwe Gumede (39), nendodana yayo ngesikhathi kuqhamuka abantu abangaziwa bavulela ngenhlamvu, bebhekise kubona. Kwenzeka lokhu nje, ILANGA libike kabanzi ngoMsombuluko, ngokuhlaselwa kwenye induna uMnu Mgcinelwa Ngcobo nowakwakhe uNkk Nobuhle Ngcobo emzini wabo, babulawa.


Kwenzeka lokhu nje bekusanda kubulawa uMnu Mthunzi Ngcobo, obenguthishanhloko eMshiywa Higher Primary. Akungcinanga lapho, kuphinde kwabulawa uMnu Mqondisi Ngcobo oyindodana yebambabukhosi elathunjwa ngo-2020 uMnu Makhosandile Ngcobo, onga katholakali namanje. Kuzona zonke lezi zigameko kubikwe ukuthi kunezinsolo zokuthi kuhlobene nombango wesihlalo sobukhosi baKwaNgcobo. Ithintwa induna Gumede ngalolu daba, ithe kayingabazi ukuthi bekufunwa yona njengoba kuhlaselwe umndeni wayo kwashona indodakazi. “Indodana yami ibihamba nomndeni wami ngesikhathi bevukelwa ngabantu abangaziwa babadubula. Kuthe uma imoto iphuma egwaqweni baqhubeka badubula indodakazi yadubuleka yashona.


“Akekho ongazi ukuthi ngijwayele ukuhamba nendodana yami emo-tweni uma ngiya emihlanganweni. Ngiyacabanga ukuthi laba abavukele umndeni wami, bebezitshela ukuthi nami ngiphakathi emotweni kwazise ngijwayele ukuhamba ngayo. “Lokhu akungithusi ngoba vele siyazi ukuthi siyashaywa siyizinduna njengoba nangesikhathi kuthunjwe ibamba, basho ukuthi bayabuya,” kusho uMnu Gumede. Umthombo we LANGA ongaphakathi ebukhosini bakwa-Ngcobo uthi njengoba kulokhu kuqhubeka ukuhlaselwa kwezinduna, abangabazi ukuthi kusaqhubeka wona umbango. Uthi inkinga ekhona kunabathize ababeka izinduna ekubeni zikhona ezaziwayo okumanje yizona ezihlaselwayo.


“Zonke lezi zinduna ezihlaselwayo zabekwa yinkosi eyakhothama uZwelibanzi Ngcobo. Siyezwa ukuthi njengoba kuqhubeka umba-ngo wesihlalo kunabathize asebebeka izinduna ezintsha ekubeni inkosi ingekho. Siyasola ukuthi umkhankaso wokususa izinduna ezindala njengoba kuqhubeka ukuhlaselwa kwazo,” kusho umthombo.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala kanti amaphoyisa asaphenya.
skhom@ilanganews.co.za

Previous articleINTOKOZO KULALELA ENIKWA UMSEBENZI WOKUJAJA OKA-MR SUPRANATIONAL
Next articleSesifakiwe isicelo “seholide” likaShembe