Iyaphela inkontileka yesikhulu seNgonyama Trust “esingazwani” neSilo

382

JOHN HLONGWA

KULINDELEKE ukuba iphele ekupheleni kukaNtulikazi (July) inkontileka yeminyaka emithathu kaMnu Vela Mngwengwe oyisikhulu esiphezulu se-Ingonyama Trust Boad (ITB), oke waba sematheni ngokungezwani neSilo uMisuzulu kaZwelithini. 

 ILANGA Lempelasonto lipotshozelwe wumthombo walo ongaphakathi kulesi sikhwama ukuthi inkontileka kaMngwengwe iyaphela ngenyanga ezayo.

UMgwengwe wagagulwa yiSilo uMisuzulu emhlanganweni wamakhosi owawusesishayamthetho esidala, oNdini sathi kabezwani uma besemihlanganweni yebhodi yalesi sikhwama. ILANGA like laba nenkulumo ekhethekile noMgwengwe lapho edalule konke ngobudlelwano bakhe obumuncu neSilo, waze walivezela ukuthi iSilo sifuna ukwenza izinto ngendlela engahambisani nenqubo yebhodi. 

   Kuleyo nkulumo, uveze ukuthi sekusele isikhathi esincane ukuba iphele inkontileka yakhe. 

   Imizamo yokuthola ukuphawula kwebhodi kayiphumelelanga, uMgwengwe uthe ucela ukungaphawuli ngalolu daba. 

    hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleIMeya yaseMhlathuze izwakalise indumalo ngenkulumo yesikhulu seBay FC
Next article“UMbodla” uthembisa lukhulu ngendawo azoyidlala kwi-Isitha