Iyaphithizela imakethe yamakilabhu ePSL

334

INTATHELI YELANGA

IKAIZER Chiefs kuvela ukuthi isishaye indesheni kwi-Orlando Pirates ukuba iyidedelele uBongani Sam odlala emuva kwesokunxele. USam ubebolekwe iMoroka Swallows ngesizini edlule, kodwa wangayiqeda isizini ngemuva kokuba ekhonjwe indlela nabanye ozakwabo emuva kokuba betelekele amaholo. 

KWABAPHEZULU: Kusukela kwesokunxele; nguVincent Pule, u-Edwin Gyimah noRamahlwe Mphahlele kanti ngezansi, kusuka kwesokunxele; nguKeagan Dolly, uNasreddine Nabi, uRhulani Mokwena noBongani Sam.

Kuthiwa amaKhosi aziqalile izingxoxo naye emuva kokuba iBucs iwavumele ukuba akhulume naye. Lishone elangoLwesithathu kusabalele imibiko ethi lo mdlali usesayinile kwiChiefs.

* U-NASREDDINE Nabi osehlukene ngokusemthethweni ne-AS Rabat yaseMorocco – waqoma iKaizer Chiefs – emuva kokuba ekhokhe u-R1 million wokumkhulula enkontilekeni yonyaka abenayo nale kilabhu, uveze ukuthi kuyisibusiso kuyena ukuqeqesha ikilabhu enkulu njengeChiefs. Lo mqeqeshi kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emibili neziMpofana.

* UMENGAMELI wamaZulu FC uqinisekise ukuthi le kilabhu izoyelula inkontileka kaRamahlwe Mphahlele nekaMbongeni Gumede abadlala emuva. Uthe laba badlali basezinhlelweni zomqeqeshi uFranco Martin.

* UVINCENT Pule – okhonjwe indlela yi-Orlando Pirates ngoLwesibili – kuthiwa ulibhekisa kwiSekhukhune United. Lo mdlali uchithwa nje, ubesehlale iminyaka ewu-6 kweziMnyama.

* ISUPERSPORT United kuthiwa ifuna ukusayinisa uKeagan Dolly osanda kuchithwa yiChiefs, inqobo nje uma
ezokwehlisa umholo awufunayo.

* IPirates isayinise uThuso Moleleki (24) obedlala esiswini kwi-Orbit Collenge egijima kwiMotsepe Foundation Championship. 

* I-CAPE Town City imemezele ukuthi isisayinise uSibusiso Ziba (24), oyisitobha, obedlala kwiJDR Stars. Isanda kusayinisa noCarlos do Carmo wase-Angola.

* ISEKHUKHUNE United ichithe uSiphosakhe Ntiya-Ntiya, uSibusiso Vilakazi, uCollins Makgaka, uLebohang Mabotja, uNtokozo Mtsweni, uThamsanqa Masiya, uRally Bwalya, uMaloisane Mokhele, uTashreeq Morris, uMichael Sarpong, uTshepo Rikhotso, uKamohelo Mokotjo no-Edwin Gyimah.

* Sekuwumlando ukuthi kuphelile phakathi kukaRhulani Mokwena neMamelodi Sundowns. Phakathi kwabaqeqeshi okuthiwa bangase bahole ezaseChloorkop, kuvela negama likaPatrice Carteron waseFrance owake wayibamba kwi-Al Ahly yase-Egypt.

Previous articleINanda yindawo yamaqhawe nomlando
Next articleAwase-Europe aselinde impendulo yeBucs ngoMabasa