Iyaqhubeka nokusikazana ngeklwa kuNgizwe nomalema

153

MTHOBISI SITHOLE

OWAYENGUMSAKAZI wokhozi FM, uNgizwe Mchunu, ufungele umholi we-EFF, uMnu Julius Malema ngokuthi ingqungquthela yeqembu lakhe ngeke yenzelwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini mhla ka-10 kuNhlolanja (February), nonyaka. Usho lokhu namhlanje kwaMai Mai, eGoli, esigcawini sabezindaba.

“Julius Malema, ngithi uyongena ngifile eMabhida. Ukhahlela ipuleti lami ngidla, ngithi kawusoze ukubone lokho,” kusho uNgizwe. Usole uMalema ngokuphucwa imoto abexhaswe ngayo ngabakwaJAC , wathi nguye ofonele le nkampani yezimoto wayisabisa nangokuthi izoshishwa. Uveze nokuthi uMalema ubesefonela nabafazi bakhe, ebacela ukuthi bacekele phansi impi yakhe.

Previous articleKuboshwe “umelaphi wendabuko” othumbe ingane (1)
Next articleIngebhe emndenini ngabanyamalale ngoNcibijane