Iyaqhubeka nokuvela eyokuxhumana kwabamangalelwa

433

Isithombe esatholakala sikhomba ukuthi owesithathu wayenemiyeko

NGUFISOKUHLE Ncube NGUSENZO Meyiwa NGU-KELLY Khumalo

BHEKI NDLOVANA
UQHUBEKILE “nokuqhumisa amabhomu” uColonel Lambertus Steyn, ongufakazi wesine wombuso ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. Engqikithini yobufakazi buka-Col Steyn wophiko lwamaphoyisa olubizwa ngeNational Cold Case Unit kuvela ukuthi kukhona okuhlanganisa abamangalelwa abaphambi kwenkantolo no-Kelly Khumalo owayeyintombi kaMeyiwa. Ebufakazini bakhe uvezele iNkantolo eNkulu ePretoria ehlalele leli cala ukuthi ngokwezingxoxo zomakhalekhukhwini, kubonakala ukuthi kunokuxhumana okwakukhona phakathi kwabamangalelwa, ngaphandle kowesine. Utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli, wake waxhumana nommangalelwa wesithathu, uMthobisi Mncube.


Uthi futhi uFisokuhle wake waxhumana nommangalelwa wesibili, uBongani Ntanzi. Okukhexise imilomo kakhulu ebufakazini bukaCol Steyn, wukuthi kwake kwaba nokuxhumana phakathi kukamakhalekhukhwini kaKelly nokaFisokuhle. Uthe ucingo lokuqala lwangena zimbili kuNcwaba (August) 2014, olwesibili lwangena ziwu-25 kuMfumfu (October) okuwusuku olwandulela okwabulawa ngalo uMeyiwa. Okuphinde kwavela ebufakazini bukaCol Steyn, wukuthi kwake kwaba nokufonelana izikhathi eziwu-8 phakathi kwenombolo kamakhalekhukhwini ka-Kelly nenombolo kamakhalekhukhwini kaDavid Mathebula owayengumdlali webhola, emuva kokubulawa kukaMeyiwa. Lokho kuxhumana kuvela ukuthi kwenzeka emuva kosuku lwesigameko.


Izolo ngoLwesihlanu uCol Steyn uveze nokuthi isithombe esathathwa kumakhalekhukhwini owatholakala kummangalelwa wesithathu, sikhomba ukuthi wayenemiyeko (dreadlocks). Kuzokhumbuleka ukuthi esinye ‘sezigebengu’ okuthiwa zangena kubo kaKelly eVosloorus, ngosuku lwesigameko sokudutshulwa kukaMeyiwa, sasinemiyeko. Khona izolo ngoLwesihlanu, uCol Steyn utshele inkantolo ukuthi ucwaningo lokuxhumana ngomakhalekhukhwini lukhomba ukuthi kwake kwaba nokuxhumana phakathi kwenombolo kamakhalekhukhwini kaKelly nenombolo kamakhalekhukhwini yomsolwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya. Icala lizoqhubeka ngoMsombuluko.

Previous articleUNTSEKI UVUMA EYOKUSHISA KWENSIMBI KWI-CHIEFS‘ESAVULE UMNYANGO’
Next articleUfuna kungenelele umthethokucwila u-R160 000 eyothwala