Iyaqina eyokubuya kukaMusona kwiChiefs

663

Udedelwa yikilabhu yakhe yase-Europe

uKnowledge Musona ongumgadli we-Anderlecht yaseBelgium angase abuyele kwiChiefs.

SENZO SOKHELA 

ANGASE ashaye ibuya kwiKaizer Chiefs umdlali waseZimbabwe ofike wagila izimanga kule 

kilabhu. 

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uKnowledge Musona ongumgadli we-Anderlecht yaseBelgium angase abuyele kwiChiefs. 

UMusona udlale kwiChiefs kusukela ngo-2009 kuya ku-2012 evutha bhe. 

Uhehe iso le-1899 Hoffenheim yaseGermany emuthenge kwiChiefs. 

Uke washaya ibuya kwiChiefs ngo-2013/2014 ebolekiswa yilona leli qembu laseGermany. 

Nokho leli phephandaba lithole ukuthi lo mdlali angase ashaye ibuya kwiChiefs njengoba isanda kuqasha uStuart Baxter njengomqeqeshi omusha. 

Umthombo waleli phephandaba ozazi zonke ezithinta iChiefs, uthe: “UMusona ungomunye wabadlali abangu-14 abaxoshwa yi-Anderlecht. Njengamanje ayikho ikilabhu emufunayo phesheya. Kodwa-ke yena ufuna ukubuyela kwiChiefs azoyilekelela njengoba isemkhankaswe-ni wokubuyisa isithunzi sayo. 

Makhulu amathuba okuthi abuyele kwiChiefs, sekungavi-mba khona ukuthi kube khona ikilabhu emufunayo e-Europe kodwa yena isifiso sakhe wukuzotakula lo mkhumbi obukeka uzika weChiefs,’’ kusho lo mthombo.

Imizamo yokuthola uMike Makaab wakwaProsport International okunguyena oweli-se lo mdlali, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. NolukaVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs bekungesifanayo.

Previous article‘Sebeyizinkinsela’ abahweba ngokudla ‘kubavukuzi’ betshe
Next articleAbeMKMVA basongela uhulumeni