Iyaqina eyokwaliwa kukaNdlunkulu waseSwazini

502

Kuthiwa iSilo uMisuzulu sesimtshelile ukuthi akasadingeki endlunkulu

NGENHLA nguNdlunkulu uNozizwe Mulela waseSwazini, ngakwesokudla yiSilo uMisuzulu

JOHN HLONGWA

ZIYAQINA izinsolo zokuthi ucu kalusahlangani entanyeni phakathi kweSilo sama-Zulu uMisuzulu kaZwelithini, no-Ndlunkulu waso wesibili odabuka eSwazini, uNozizwe Mulela. ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni esondelene neSilo ukuthi sesikuvezile ukuthi ucu kalusahlangani. Umthombo okhulume naleli phephandaba uthi iSilo sesike sawabikela amanye amazinyane akwabo ngokuphela kothando.
“Besebeneminyaka engaphezulu kwewu-12 bethandana. Ngisho iNdlovukazi uMantfombi ozala iSilo ikhothame isinolwazi ngothando lwabo futhi yalubusisa namalobolo akhona akhishwa,” kusho umthombo. Uthi inkinga iqale ngokuthi uNdlunkulu uMulelam ubesefuna “ukusilawula”
iSilo.


“ISilo sesimtshelile ukuthi akasadingeki eNdlunkulu kodwa yena uyasisabisa uthi uzodedela izindaba ezibucayi zaso,” kulanda umthombo. Uqhubeka uthi emikhosini emithathu eyenzeke eNdlunkulu ngokulandelana, uNdlunkulu uNozizwe ubengahlelelwe indawo yokuhlala wazizamela yena. “EMkhosini woMhlanga wase-Ngwavuma iSilo sacela abadala ukuba bamcele ukuthi angayi kodwa waya ngenkani, sesibingelela izimenywa kulowo mcimbi sameqa. Emcimbini wokungena kweSilo Esibayeni owawusesigodlweni, KwaKhangela nakhona wazifaka ngenkani, nakhona iSilo kasimbingelelanga. Umcimbi wokugcina kube uMkhosi woMhlanga obusesigodlweni eNyokeni, nakhona iSilo kasizange simbingelele.

“Kunalokho iSilo sababingelela bonke ababehleli phambili ngokulandelana kwabo, saqala ngeNdlovukazi uGwabini, uNdlunkulu uMaNdlovu, uNdlunkulu uKaMafu, noNdlunkulu uKaMayisela yena samshiya. Sabingelela sabonga bonke abaqavile, okubalwa kubo nabaNtwana baseNdlunkulu abangabafowabo,” kusho umthombo. ILANGA lalikhona eMkhosini woMhlanga eNyokeni lapho iSilo esathi khona: “Ngiphinde futhi ngibonge sengiya ngasohlelweni lwami, ngibingelele Ndlunkulu KaMayisela, mkami ngiyathokoza, sihlezi sibambisene nawe.” Saqeda lapho sase sibonga izikhulu zikahulumeni ekubeni uNdlunkulu uNozizwe eceleni kukaNdlunkulu uKaMayisela.


“Okubuhlungu wukuthi lo mcimbi wawukhonjiswa bukhoma zikamabonakude ezahlukene, izwe lakubona lokhu. ISilo sazengenhlangano yoKa-Mayisela, sathi bazosebenzisana kuyona ukunqanda izenzo zobugebengu obuhlalise kabi izakhamizi zaKwaZulu-Natal. Lenhlangano igxile ekukhuliseni izingane ngesizotha,” kusho umthombo. Okhulumela iSilo uMntwana uThulani, uthe ucela ukungaphawuli ngoba akanalo igunya lokukhuluma izindaba zangasese zeNgonyama uMisuzulu.

Previous articleUngcwatshwe ngosuku abezoshada
Next articleUsizi ezigulini esezizikhelela amanzi okuphuza esibhedlela