INTATHELI YELANGA
IYAVUTHWA indlela eya ekubhekaneni nezinkunzi zase-Europe kwi-Uefa Champions League kuSiyabonga Ngezana emuva kokuba ikilabhu yakhe, iFC Steaua BucureČ™ti yaseRomania ilobole iVirtus yaseSan Marino ngo-7-1 izolo ngoLwesibili emlenzeni wokuqala kowokuhlungela lo mqhudelwano. UNgezana – owakhulela enkulisa yeKaizer Chiefs ngaphambi kokukhushulelwa esikimini esikhulu – uwuqalile lo mdlalo eziye kuwona ekhefini iFCSB ihamba phambili ngo-5-0.
La magoli aholele ekutheni umqeqeshi weFCSB, u-Elias Charalambous enze izinguquko ezine. Kubadlali abaphunyuzwe kubalwa naye uNgezana.
Le kilabhu izoqala imidlalo yeligi ngoMgqibelo ngaphambi kokubhekana neVirtus emlenzeni wesibili ngoLwesibili oluzayo. Uma idlula kwiVirtus, izobhekana nezingqwele zaKwa-Israel, iMaccabi Tel Aviv FC emdlalweni wesibili wokuhlungela ukuya kwiChampions League.
Sekuwumlando ukuthi uNgezana wahamba eNingizimu Afrika esenuka iqaqa kwabanye abalandeli beChiefs, bemsola ngoshaya udaka. Nokho ukuya kwakhe kwiFCSB kubukeka kumkhulisile njengoba kumphendlele indlela eya kwiBafana Bafana abambe iqhaza kuyona idlala ngokulingana neNigeria kuba ngu-1-1, yabhubhudla iZimbabwe ngo-3-1 emidlalweni yokuhlungela ukuya kweyeNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba semazweni amathathu – okuyiMexico, iCanada ne-United States of America – ngo-2026. Kule sizini esanda kuphela, uNgezana uqukule izinkomishi ezimbili nekilabhu yakhe, okungeseligi neseRomanian SuperCup.
I-FCSB isayinqobe kanye i-Uefa Champions League, eyayiqukula ngesizini ka-1985-86 ihlula iBarcelona yaseSpain ngo-2-0, sekukhahlelwa amaphenathi. Ngo-1986 yaqukula i-Uefa Super Cup.