Iyavuthwa eyomzila waseBotswana ozophazamisa iTransnet “ehlulwa” wumsebenzi

482

INTATHELI YELANGA

IBOTSWANA ithole izicelo kubatshalimali zokwakha ulayini wesitimela obheke eNamibia ngenhloso yokugwema ezokuthutha (ngemikhumbi nezitimela) zaseNingizimu Afrika “eziphethwe wuvendle”. Lo mzila owu-1 500km – obizwa ngeTrans-Kalahari Railway – uzosuka enhlokodolobha yeBotswana, iGaborone, unqamule ogwadule iKalahari, uze uyoshaya eGobabis, eNamibia naseWalvis Bay, olwandle i-Atlantic.

Ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuThutha eBotswana, uMothibi Molale, iyavuthwa indaba yalo mzila kwazise iTransnet – okuyinkampani kaHulumeni waseNingizimu Afrika ethutha impahla ngezitimela nangemikhumbi – idonsa kanzima ukuthutha impahla.
“Sathola ngoNhlangulana (June) ukuthi impahla (emachwebeni aseNingizimu Afrika) ilinda cishe amasonto amabili ukwehliswa noma ukulayishwa emikhunjini,” kusho uMolale izolo ngoMsombuluko. “Abatshalimali base-UAE, eQatar, eChina nase-India, bathe ukwakha lo mzila ngeke kubabinde neze, empeleni bathi mfishane kangangoba bangaqeda ukuwakha ngokukhulu ukushesha lokhu,” kuqhuba yena.

NGUMOTHIBI Molale ongungqongqoshe wezokuthutha eBotswana

Isiyindaba okuchathekelwana ngayo emashungwini eyokudunguzela kweTransnet ebambe elikhulu iqhaza ekukhwehleleni komnotho wakuleli, ibambisene ne-Eskom – ehluleka wukuhlinzeka izwe ngogesi owanele izidingo zalo.
UMolale uqhube ngokuthi umzila omusha kaloliwe ungase uhehe nezinkampani ezihweba eNingizimu Afrika ukugwema ukusebenzisa amachweba akuleli.
Indaba ye-Trans-Kalahari Railway ibilokhu ifufusa selokhu iBotswana yasayina isivumelwano neNamibia ngo-2010. Inhlosongqangi kwakuwukuthutha amalahle entshonalanga neBotswana, ngeshwa intengo yawo yehla, abatshalimali bavele baba manqika ukweseka lo mbono.

Previous articleUngqongqoshe wezempilo wamukele izingane ezizalwe ngoKhisimusi
Next articleKuzoguga amaphakethe kwabahlaba ngaphandle kwemvume