Iyinkinga eye-rent kwabaqashile

662

INTATHELI YELANGA

BANGAPHEZULU kwamaphesenti awu-32 abantu baseNingizimu Afrika abahlala ezindaweni abaziqashile (residential tenants), abangakwazanga ukukhokha imali ye-renti ephelele kule nyanga ephelayo kaMbasa (April).

Kulindeleke ukuthi ngoNhlaba (May) babe baningi abazobhekana nenkinga yokungabi nayo nhlobo imali yokukhokha. Lokhu kushiwo ngabeTenant Profile Network (TNP), okuyinkampani esebenza ukuhlonza ukukho-khwa kwerenti. 

Ithi kuvela ukuthi bangamaphesenti awu-64 kuphela abakwazile ukukhokha irenti ephelele. Le nkampani ithi kusukela ngomhla ka-20 kuyona le nyanga, bakhona asebelinganiselwa kumaphesenti awu-16 asebeyikhokhile imali yerenti kodwa engaphelele, kuthi abanye abangamaphesenti awu-16 kabakaze bakhokhe nhlobo.

“Inkinga enkulu ezobhekana nomasitende kuzoba yimali yerenti kaNhlaba, baningi abantu abazogcina benga-kwazi nhlobo ukukhokha,” kusho uNkz Michelle Dickens oyiManaging Director kwaTPN. 

kulindeleke ukuthi babe ngaphezulu kwesigidi abantu abazophelelwa yimisebenzi ngenxa yokuhlaselwa kweCovid-19.

 Yize abaningi bengeke bakwazi ukukhokha irenti, uhulumeni ukuvalile ukuxoshwa kwabantu ezindaweni abahlala kuzona.

Previous articleIzwe lethu liyokhululwa wukukhula komnotho
Next articleUdokotela wezibalo neziyalo ezishubile entsheni