IZA NEZINGUQUKO EZINTSHA IMPUCUZEKO YANONYAKA

147
ABAHLELI beMpucuzeko Masikandi Festival, uKhathide Ngobe woKhozi FM, uMnu Xolani Mcineka noMnu Sandile Ndlanya. ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

MTHOBISI SITHOLE
KWETHULWE izinhlelo ezintsha zomcimbi weMpucuzeko kamasikandi Festival, ezogubha iminyaka ewu-10 yasungulwa. Kulo mcimbi ozoba mhla ka-12 kuNcwaba (August) ePeople’s Park, eThekwini, kugqanyiswe phambili ukushintshwa kwezinto ezikhalise abalandeli nyakenye. Umsunguli weMpucuzeko Festival, uMnu Xolani Mcineka, uthi kunezinqumo ezintsha eziwushintsho obekufanele bazithathe, ezihambisana nabalandeli nokulungisa izinkinga ezenzeke nyakenye, zokungaculi kwabanye abaculi ngenxa yokuphela kwesikhathi ebesinqunyiwe eMabhida. “Abantu yibona ababethe bafuna umcimbi ungeniswe ngaphakathi eMabhida ngoba kuyabakhathaza ukuma ngezinyawo isikhathi eside ePeople’s Park.


“Ngenxa yokuthi eMabhida kunemigomo eminingi bekufanele senze izinguquko. Phakathi kwayo wukuthi ukudla kuyabiza kakhulu ngaphakathi, kanti akuvumelekile ungene nokuthengwe ngaphandle, nokuthi uma usungenile ngaphakathi usuke usungenile, akuphumeki ngaphandle uphinde ubuye,” kusho uMnu Mcineka. Umemezele ukuthi kulo nyaka kuzokwakhiwa isikafula sezinsimbi, okuzohlala kuzona abathandi bomculo uma sebekhathele wukuma, kuzobe kwenzeka okokuqala nokuthi kungenwe nezihlalo(Camp chair) enkundleni. Utshele abezindaba ukuthi izihlalo kuzongenwa nazo ngoba lo nyaka wehlukile kakhulu kweminye iminyaka. Uthi ufuna amabhinca akuthokozele ukugubha le minyaka neMpucuzeko. Uthe nakuba iziphuzo zizodayisa ngaphakathi, kodwa uCooler Box uzongena bese zithengwa ngaphakathi, abaziphilisa ngokudayisa ngaphandle emgwaqweni, sebehlungiwe ngokohlelo lukamasipala, bazovumeleka ukusebenza eduzane kwenkundla yomcimbi, banikezwe namatende.


“Uhulumeni wesifundazwe njengoba useseka kakhulu, uthe akwenziwe konke okuzojabulisa abathandi bomculo wesintu. Sibonga ukuthi nakuba ubuholi besifundazwe bushintshashintsha ngokwezepolitiki, kodwa bonke abangenayo bayaweseka umbono wokufukula omasikandi nezinto zesintu,” esho. Uveze nokuthi kulo nyaka kuzohlonishwa iphephandaba ILANGA, uMasipala weTheku, umsakazo uKhozi FM nohulumeni wesifundazwe. Uthi kusukela isungulwa iMpucuzeko, bayesekile kuze kube manje. “Kubalulekile ukubonga kulezi zinhlaka ngomsebenzi eziwenzile, ziqinisekisa ukuthi iMpucuzeko ifika kuleli zinga ekulona namhlanje. Okunye-ke okuzobuya kulo mcimbi, yihora leQhude lapho kuzoqhudelana khona abaculi abathile ngoba amabhinca ayasithanda lesi sigaba,” kusho uMnu Mcineka. Uthi sizoqina isandla kubaculi abangasigcini isikhathi abanikezwe sona, abazocula ngaso ukuze kugwenywe ukuphela komcimbi kunabaculi abangaculanga.


Omunye wabahleli uMnu Sandile Ndlanya, uthe abagadwa ngezibhamu ezinkulu izinhlokohlela, kazivumelekile emcimbini. Uthi ukugadwa nokuphepha kwabantu kuzobe kusezandleni zamaphoyisa. Okunye okugqanyisiwe, wukuthi abaculi bazocula iBack Track, hhayi bukhoma, nomviliyelo wabalandeli obuqala eWorkshop, eThekwini uyophelela enkundleni yomcimbi, kawukho eWorkshop kulo nyaka. UMnu Mcineka uthi imiviliyelo esuka eWorkshop, imosha isikhathi. Uthe kuzobhekwa indawo eseduzane nasePeople’s Park. Kuzonandisa Amageza Amahle, uDSD, uQhosha, uCevuzile, uKhuzani, uJumbo, Amangcukumane, uMdumazi, uDumakahle, iNkosi Yamagcokama, uBahubhe, iThwasa Lekhansela, Izingane Zoma. Amathikithi u-R150 eTickets Pro, awezicukuthwane abiza u-R2000. mthobisis@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za

Previous articleKuvuke iminjunju yokushonelwa konqobise iBanyana Banyana
Next articleUsaqhubeka nokuxilongwa uShenge