“IZAKHAMIZI ZAKULELI MAZINIKWE ITHUBA, KUSIZWE NABAHLWEMPU”

324
UMISS South Africa omusha, uNdavi Nokeri

NONHLAKANIPHO SHINGA
IBONGE abazali bayo abangabefundisi ngokuyikhulisa yaba yilo muntu enguyena namhlanje intokazi yaseTzaneen, eLimpopo ngesikhathi ithweswa isicoco sikaMiss South Africa ngoMgqibelo ebusuku, eSun Bet Arena eTime Square, ePretoria. UNdavi Nokeri (23), ubonge uyise uPastor Moses Nokeri nonina uPastor Betty Nokeri, athi bamkhulisele ekhaya elinesisekelo esinamandla. Isicoco usithathe entokazini yaKwaSokhulu, eRichards Bay, uLalela Mswane, esanda kwethweswa isicoco sokuba nguMiss Supranational 2022. UNdavi uqale ukuthatha izinhliziyo zabaningi sebesele beyisihlanu, lapho amajaji abesebapheka ngemibuzo. Ukhethe ukuthi kube nguSolwazi Thuli Madonsela owayengumvikeli womphakathi ombuza umbuzo.


Yilapho le ntokazi ikhombise ubuhlakani obuyisimanga, yakhala kakhulu ngokunganakekelwa kwabantu abaningi eNngizimu Afrika, yathi kusekhona abaphila ngaphansi kwenhlupheko eyisimanga. “Kubalulekile ukuthi senze iNingizimu Afrika ibe yizwe elibhekelela bonke abantu abakulona, inikeze namathuba kubona bonke abantu,” kusho uNdavi. Ukusho lokhu ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzosisebenzisa kanjani isikhundla sakhe ngaphambi kokudlulela kwi-top 3 abencintisana kuyona noLebohang Mahlangu no-Ayanda Thabethe waseMgungundlovu, KwaZulu-Natal. Ngesikhathi sebebathathu, babuzwe imibuzo ebeyithunyelelwe ngababukeli ezinkundleni zokuxhumana.


UNdavi ubuzwe ukuthi ngokucabanga kwakhe, yini ebalulekile engagcina izakhamizi zaseNingizimu Afrika zihlangene. “Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi siyaphi nokuphi siphuma kuphi. Ukuba yisizwe esiphuma esikhathini esinzima lapho besicindezelekile khona, kusenza sazi ukuthi uma singabambisene siba ntekenteke. “Kubalulekileke ukuthi sibambisane sibe yimbumba, kungabikhona uhlanga noma isizwe esizibona sibalulekile kunesinye noma ubulili obuzibona bubalulekile kunobunye,” kusho le ntokazi. Ihlabana ngalesi sicoco nje, ibivele isihlabane ngendondo ebizwa ngePeople’s Choice. Kulindeleke ukuba kube yiyo emela iNingizimu Afrika emncintiswaneni yozime esezingeni lomhlaba okubalwa okaMiss World, uMiss Universe nokaMiss Supranational. Ngokudla umhlanganiso kuMiss South Africa, uNdavi ugoduke no-R1 million, uzophinde athole nemiklomelo yenani lika-R3 million. Uzohlala endaweni yabadla izambane likapondo, e-Ellipse Waterfall, eMidrand, eGauteng unyaka wonke, ahambe ngeMercedes-Benz.

Previous articleBantante nesidumbu bevinjwa ukungcwaba
Next articleIfunga iyagomela iKaizer Chiefs