INTATHELI YELANGA
IZOYA emlenzeni wesibili wowamanqamu we-African Football League (AFL) – ozogijinyelwa eLoftus Stadium, ePretoria ngo-15:00 ngeSonto – ibhekene nomango iMamelodi Sundowns emuva kokuzigwaza ngowayo, ihlulwa yiWaydad Casablanca ngo-2-1 kowokuqala, kuleliya lizwe. IWaydad yiyona evule inkundla ngegoli likaRivaldo Cotzee, okube wumkhonto ogwaze ekhaya. Ibuyile iDowns ngegoli lika-Abdelmounaim Boutouil okube yiphenathi. Akuphelanga mizuzu mingaki, iDowns yadedela izitha zahlohla elesibili, elize no-Anas Serrhat, oshaye imbumbulu, wayizwa ngendaba uRonwen Williams. Leli goli lidalwe wubuthaka bukaMarcelo Allende obezama ukukhipha ibhola ebhokisi leDowns, walingqofa lawela ngaphandle kancane kwebhokisi, latholana noSerrhat. Phezu komqansa ezaseChloorkop ezibhekene nawo, zidinga ukunqoba ngo-1-0 ngeSonto ukuze zibe yizingqwele. Yize iDowns idliwe kulo mdlalo, kodwa uKhuliso Mudau odlala kwesokudla emuva, ukhombise ukuba yisitobha esingahlehli. Sekulele kubalandeli beDowns ukuba baphume ngobuningi ukuyoba ngumdlali wesi-12, ukunika abadlali umfutho ngenhloso yokuphendula amatafula ibe yiqembu lokuqala ukuqukula indebe yalo mqhudelwa, oqalayo ukuba khona. Izingqwele zalo mqhudelwano zizogoduka no-R73.5 million kanti ikilabhu ezodliwa kowamanqamu uzohamba no-R55 million.