“Izangoma” zishaqe impesheni yezalukazi

60

Izaguga zigoduke zilambatha zingayitholanga imali yazo

NOMFUNDO NGWANE
noNONHLAKANIPHO SHINGA

ZIGODUKE ngoLwesibili zilambatha izaguga eNhlazuka, eMidIllovo, eThekwini, emuva kokugasela “kwezangoma” zifake amabhayi amathwasa, zashaqa yonke imali yempesheni zachitha, emuva kokuba zidubule zabulala iphoyisa ebelisemsebenzini. 

ILANGA lithole ukuthi ngaphambi kokushaqa imali, abasolwa bazithele kuSergeant Themba Chonco (33), obesebenzela kulesi sikhungo, bamdubula waphelela khona lapho. Badlulele eposini lapho bekuholelwa khona impesheni, bawola yonke imali obeku-mele iholwe yizaguga. 

Leli phephandaba lihambele endaweni yesigameko ngezikhathi zasemini yasekuseni. 

Abebekhona bebebonakala ukuthi bathukile, kwazise le nto eyenzekile bathi beyingakaze yenzeke phambilini. 

Izalukazi namakhehla – abebebuthene ngaphandle kwalesi sikhungo bebelokhu bebabaze njalo, bekhala ngokuthi ngoba bekubonakala ukuthi izigilamkhuba lezi zifuna imali, pho kungani zingathathanga yona zingalibulali iphoyisa. 

ILANGA lithole ukuthi Sgt Chonco ngowakhona eNhlazuka. 

Unina omdala kamufi, uNkk Idah Chonco (osesithombeni), naye obekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uthe akayikholwa le nto eye-nzekile. 

“Lo mfana ubulawa nje, ubesanda kudlula kimina wafike wangibingelela kahle, wangitshela ukuthi kukhona asayokwenza ngalapho edutshulelwe ngakhona. Kuthe nje kungakapheli ngisho imizuzu ewu-5 eqeda ukusuka kimina, sezwa ukuqhuma kwesibhamu. 

“Sitshelwe ngonogada ukuthi singabe sisanyakaza, kubanjwa inkunzi. Kuthe uma siphuma, satshelwa ukuthi sekudutshulwe iphoyisa. 

Ibiza kimina indodana yami izongibingelela nje kanti ibisizovalelisa okokugcina. 

“Bese kusele yena yedwa kubafowabo, bekuyingane ebilungile le. Besisajabulela ukuthi sinephoyisa emndenini kanti kasazi ukuthi lizohlala isikhathi esincane libulawe,” kusho uNkk Chonco. 

Enye intombi endala ekhulume neLANGA,  ithi abasolwa bavele bahlakazeka nesikhungo kwazise ziningi izinto ezenziwa kusona. 

“Kuthe singazelele kwaqhuma isibhamu kanti sebedubula iphoyisa leli elisebenza lapha. 

“Ngoba ngaleso sikhathi besisavaleleke ehholo lapho besiba-mbe khona ulayini sitshelwe ukuthi singaphumeli ngaphandle ngoba kakwaziwa noma kuphelile yini,” kusho le ntombi endala. 

Abanye abebekhona bathi abasolwa baphume kulesi sikhu-ngo bezihambela nje, kungathi akonakele lutho. 

“Kusuke abanye abebekhona lapha babaphushisa imoto yabo babesebekhomba omunye wesilisa obekhona lapha, ehamba ngeveni yakhe, ethutha izalukazi namakhehla, bangena emotweni yakhe bahamba naye. 

“Sithe siqala siphuma, kwayima kutholakala ukuthi badubule iphoyisa bathatha yonke imali ebeyingakaholwa bahamba nayo,” kuqhuba omunye ozibonele. 

Okhulumela amaphoyisa uCol Athlenda Mathe, uthe amaphoyisa abophe abasolwa ababili endaweni yesigameko, asezithendeni zabanye abasolwa.

Previous articleUdume kubathandi bebhola ngokubuyela ezinkundleni
Next articleUgonyuluke ngencwadi uKolisi