Kuthiwa ziqale zamqhuba zamyisa ebhange kuyobhekwa imali ebezithi yashiywa nguyise
NONHLAKANIPHO SHINGA
KUHLWE emini kwizelamani zakwaButhelezi, eGengeni, eMtubatuba, ziboshelwa ukushaya, zigwaze ngomkhonto zibulale isinganina (step mother) ngeledlule, ngoba zithi masikhiphe imali kayise ongasekho, eyaphuma emsebenzini esaphila. Kubikwa ukuthi uNkz Cashile Buthelezi (50) nomfowabo uSibusiso Buthelezi (39) abebevele eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba ngeledlule bambulala nje unina, uNkk Sibongile Buthelezi (63), baqale bamqhuba bamyisa ebhange beyobheka ubuqiniso kwabekusho kokuthi kayikho ngempela imali eyashiywa
nguyise. Konke lokhu kuthiwa bakwenze phambi kwezingane zikaNkz Buthelezi eneminyaka ewu-17, enewu 21 no-29. ILANGA likhulume no Nkk Nombulelo Nzama, oyindodakazi endala kaNkk Buthelezi, ayithola ngaphambi kokushadela kwaButhelezi, othe kuze kube yimanje.
Akazi ukuthi abasolwa bebengenelwe yini ngoba unina nguyena obekhulisa abantwanababo (abasolwa). “Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko, ngifonelwe ngumama ethi ushaywa yizona lezi zingane zikabab’ uButhelezi. “Ngizifonele ngazitshela ukuthi ngicela zingamshayi, uma zingasamdingi emzini womyeni wakhe ngizomthatha mina ngiyohlala naye eGoli lapho nginomuzi khona,” kusho yena. Uthe abekwazi ukuthi abasolwa bakubanga nonina, yizinkomo ezashiywa nguyise, abebezidayisa ngaphandle kokumtshela ngoba bethi ngezabo. “Umama ubethi uma engibikela ngalokho, ngithi makabayeke bazidayise, bayidle imali yazo, akunalutho.
“Baphinde bamlwisela ugandaganda obusegcekeni ungasasebenzi, bethi bafuna ukuwudayisa, nakhona ngathi makabayeke. “Ukuthi bambulalelanike manje, nami kangazi ngoba nasebhange kuthiwa batsheliwe ukuthi uyise wayikhipha kudala imali yakhe, wayidla,” kusho yena. Kuthiwa ngosuku lwesigameko, abasolwa batshele uNkk Buthelezi ukuthi uzoyikhipha imali lapho eyifihle khona ngoba iyifa labo. UNkz Buthelezi kuthiwa ubalekile ngosuku lwesigameko, wabuya ngakusasa waziqhubekela nempilo nje kwangathi kakukaze kwenzeke lutho. Kuze kwaba ngomakhelwane ababize amaphoyisa waboshwa, wathi yena akakaze abaleke kubo, ubekhona kodwa futhi nesigameko esehlele inkosikazi kayise akasibonanga.
ILANGA lithole ukuthi yizingane zakhe ezikuvezile ukuthi nguyena nomfowabo abalimaze umufi. Kuthiwa bebemgwaze emzimbeni nasekhanda. “Kuyimanje akekho umuntu ozosala nezingane zakhe ngoba ubezizala azishiye kumama. Ubulawa nje, wayesanda kungixoxela ukuthi ubethengele lona ofundayo izicathulo zesikole ngoba engenazo, kodwa bona bambonga ngokumbulala,” kusho uNkk Nzama. Icala labasolwa lizobuyela enkantolo ngomhla ka-18 kuLwezi (November). Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa, wathi babhekene necala lokubulala kanti bayinqabile ibheyili. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za