Iziguli zisale dengwane bebhikisha

1017

Bakhala ngokuthwala iziguli ngenxa yokushoda kwama-lift esibhedlela

SKHOSIPHI MTHEMBU

LAPHA izisebenzi beziqiqinga isiguli zisehlisa ezitebhisini ngaphakathi esibhe-dlela e-Addington, eThekwini, njengoba zithi sekuphele isikhathi lesi sibhedlela sishoda ngama-lift okuthwala iziguli nempahla. 
ISITHOMBE NGU:SKHOSIPHI MTHEMBU

ZISALE dengwane iziguli izolo ngoLwesithathu esibhedlela i-Addington, eThekwini, ngesikhathi izisebenzi zingena emgwaqweni, zibhikisha ngoba zicasulwa wukungasebenzi kwama-lift kulesi sibhedlela. 

Abahlengikazi nezinye izisebenzi bebeshaya phansi ngonyawo, bethi kababuyeli emsebenzini uma ingacaciswa indaba yokulungiswa kwama-lift kulesi sibhedlela. 

ILANGA lithole ngezinye izisebenzi ukuthi okuzikhalisa kakhulu wukuthi iyodwa i-lift esebenzayo kulesi sibhedlela, okwenza kube nzima ukusebenza njengoba isetshenziswa yiziguli iphinde esebenze uma kuhanjiswa udoti. 

Izolo kudingeke ukuba iziguli ebeziyofuna usizo ziphindele emuva njengoba izisebenzi bezingayingeni eyokubuyela emsebenzini. 

“Sibhekene nenkinga kulesi sibhedlela. Sekukaningi sikhala njengezisebenzi kubaphathi ngale nkinga yama-lift kodwa kawalungiswa. Le esebenzayo, ihambisa iziguli zeCovid-19, yizingubo ezimbathwa yiziguli, wudoti, wukudla okusuke kuya ezigulini ngisho nabantu abasuke beyobeletha bagcina bephoqeleka ukuba balinde yona le lift eyodwa. 

“Nayo ike ingasebenzi, kugcine kusiphoqa ukuba sehle senyuka ngezinyawo ukuya kwamanye am-gumbi. Lokho kuba yinkinga ezigulini ezisuke zifuna usizo. 

“Ngikhuluma nje namuhla, ozakwethu baphoqelekile ukwehlisa ngezinyawo esinye isiguli ebesixinekile ngenxa yakho ukungasebenzi kwama-lift,” kusho esinye sezisebenzi.

UMnu Andile Mbanjwa, weDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa), uthe sekukaningi bekhuluma ngokufa njalo kwama-lift kulesi sibhedlela. 

“Inkinga yama-lift akuyona into yamanje, uma sibuza ukuthi kungani efa njalo, sitshelwa ukuthi inkinga wukuthi siseduze nolwandle, umoya walo yiwona owenza ukuthi afe njalo. 

“Okusixakayo wukuthi lapha siseduzane namafulethi; kungani wona engabi nenkinga efanayo nalena?” kusho yena. 

UMnu Prince Mthalane weNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu), uthe izisebenzi ngeke zibuyele emsebenzini kungakacaciswa ukuthi alungiswa nini ama-lift. Ekhuluma neLANGA izolo emini, uthe bamatasa bahlela ukuhlangana nabaphathi besibhedlela ukuze kudingidwe lolu daba. 

“Ukube bahlanganile nathi ekuseni (izolo), nginesiqiniseko sokuthi ngabe izisebenzi zibuyelile emsebenzini, kodwa konke kuzocaca uma sesiphumelele ukuhlangana nabo,” kusho yena. 

Esitatimendeni esikhishwe izolo ntambama, uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ubonge izisebenzi ngokubuyela emsebenzini emuva kombhikisho ngenxa yama-lift

Siveze nokuthi umnyango uyaxhumana nomuntu owenza umsebenzi wokulungisa ama-lift ukuqinisekisa ukuthi ayalungiswa. 

Ngokwesitatimende, umhlangano obukhona uvune izithelo ezinhle ngoba kusungulwe ikomidi elizoqinisekisa ukusebenza kwesibhedlela kwansukuzonke, okuhlanganisa nohlelo lokulungiswa kwama-lift, nokuxhumana phakathi konjiniyela nezimenenja zesibhedlela. 

Umnyango uveze ukuthi zikhona izinhlelo zokuba kufakwe ama-lift amasha okulindeleke ukuba ziqale ngonyaka ozayo. 

Previous article‘Udlwengule indodakazi wayimithisa’
Next articleAbafana “babanjwe begeza emathuneni”