IZINDUNA ZAMABUTHO ZIPHEFUMULA NGOMBANGO WENDLUNKULU

918
IZINDUNA zamabutho eSilo bezihlangene izolo KwaNongoma, zazwakalisa ukungenami kwazo ngomdonsiswano waseNdlunkulu kaZulu emuva kokuba kuhlehle icala elifakwe enkantolo mayelana nombango wesihlalo sobukhosi.

THANDEKA NGOBESE
UKUHLEHLA kwecala lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, obekufanele lingene eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoLwesibili nangoLwesithathu, sekwenze izinduna zamabutho zahlangana, zezwakalisa ukungenami kwazo ngomdonsiswano oqhubekayo endlunkulu. Lezi zinduna zamabutho eSilo ebezinomhlangano KwaNongoma izolo ngoLwesithathu, zithi indlunkulu kumele ixazulule ukungaboni ngasolinye phakathi kwayo, hhayi ukuthembela ezinkantolo. Ekhuluma neLANGA usihlalo wezinduna, uMnu Muzi Nyandeni, uthe izinkantolo ngeke ziluxazulule ngobulungiswa lolu daba, kodwa zizomosha ubukhosi.


“Indlunkulu sifuna ikuyeke lokhu kudonsisana ngento esobala. ISilo kuyaziwa ukuthi sizalwa ngundlunkulu owalotsholwa yisizwe, akuyona ipolitiki le lapho kuvotwa khona, kodwa iSilo siyasazi. “ISilo sethu nguMisuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu. Siyizinduna zamabutho asoSuthu, KwaMandlakazi naseMatheni, sifuna sibekwe ngokusemthethweni iSilo, singazoneli ubukhosi bethu bubuhle kangaka.


“Sikhuluma kanjena yingoba siyazi ukuthi isihlalo sobukhosi ngesesizwe, indlunkulu iyiso lesizwe, ngakhoke kasikwazi ukunikela ngaso sithi makube yinkantolo enqumayo. “Lesi sizwe sabunjwa kanzima, siyizinduna zamabutho ngeke sikubekezelele ukuthi sihlakazwe ngenxa yabantu abanomona, abangafuni ukumela iqiniso.


“Le nto eyenziwe ngabantwana basendlunkulu, belwa bodwa ngesikhathi kufihlwa uMnu Zihogo Mgilitsha Nhleko, isibukanise nezwe futhi kasifuni ukuyibona iphinde yenzeka,” kusho uMnu Nyandeni. Ukulalelwa kwecala lombango wesihlalo inkatolo ikuhlehlisele umhla ka-10 kuya ku-14 kuMasingana (January) wangonyaka ozayo. Okhulumela indlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, uthi le nto yecala ibavusela uhlevane, kabayithandi ngoba kubona kungathi manje kufakwa iSilo esakhothama uqobo enkantolo.

Previous articleImile impilo yentsha ‘eyaqolwa’ ngomazisi
Next articleIbhungu ecaleni lokubulala uninakhulu lifuna ukuceba