SIGUDLA NOGALAKAJANA: ADBUL MILAZI
UKUKHULA kuyahlupha futhi kuyahlekisa, ngoba umuntu uzibona esefana nse nabazali bakhe, kanti nezingane zakhe sezimbona ngeso ayebona ngalo uninakhulu noyisemkhulu. Kushiwo into enjalo-ke uma kuthiwa isondo liyajikajika, noma kuthiwe lithatha osemsamo limbeke emnyango, lithathe osemnyango limbeke emsamo.Ngesikhathi sisakhula – ikakhulukazi uma sesiqala ukubhodla – sasithi abazali bethu kabaqondastendi, basaphethe inqubo yakudala, esiphelelwe yisikhathi. Angithi sasikusho lokhu ngoba singafuni ukukhalinywa, sifuna ukuzenzela umathanda.
Ngenhlanhla, isibhaxu sasisakhala ngalezo zikhathi, kungekho phoyisa elibopha umzali ngoba eshaye ingane. Wawuthi uma wehlula uswazi bakukhombe indlela, uye kwanhliziyongise. Kuthi uma ukushaya umhlaba, uthi uyabuya njengendodana yolahleko yaseBhayibhilini, bakuxoshe usasesangweni.Sakhula-ke nathi, sazala. Nezethu izingane sezenza sona leso. Kodwa manje kasisakwazi ukuzishaya ngoba amaphoyisa afika manje engasadle nkobe zamuntu, asho ukukufaka amasongo kaSigonyela, indodana yendlovukazi yabaTlokwa, uMmantatisi wodumo. Okwethu sekuba wukuyixosha nje leyo ngane uma yehlula iziyalo.Kodwa-ke okuhlekisayo wukuthi ubungozi obuza noshintsho lwempilo sibesaba ngokufanayo.
Ngikhumbula intombi engizalayo, uMaDlamini, yala ukuthatha ikhadi lasebhange, yesaba otsotsi nale mishini ekhipha imali imbala.
Kwaze kwakhishwa elokuthi amabhuku asebhange kawasasebenzi, yesatshiswa ngokuthi ngeke ikwazi ukuyithola imali yayo ingenalo ikhadi.Eminyakeni ewu-20 inalo, kayizange iye ngisho nakanye emshinini wemali. Yayithumela abazukulu, abebeyixhopha, bayidlele yona le madlana eyayinayo. Phela umame wayethi uma ebathuma ukuthi bayomkhiphela u-R100, bafike bawukhiphe, bese bekhipha enye abazoyidla. Bafike bamnike isiliphu esisho ukuthi kukhishwe le mali ebeyifuna. Ngangihleka kube buhlungu isisu uma engitshela ukuthi uwesaba kabi lo mshini, asho nokuthi uma usugwinya ikhadi lakhe uzokhuluma nawo athini ngoba phela kawukhulumi.
Otsotsi babebhokile, becathamela abakhipha imali. Ngikhumbula ngelinye ilanga nami ngikhipha imali. Ngaqalaza ngapha nangapha njengenjwayelo, ngangabona muntu, ngalifaka ikhadi ngafaka nenombolo eyimfihlo. Uthe ungakhala nje umshini, usabala imali, qham’ thushu izinsizwa ezine. Zangiqukula okwesaka lezindlubu, kwaqhamuka enye yathatha imali eyayikhafulwe wumshini. Zangilaxaza phansi lezi ezazingithwele, zabaleka okwamagundwane ebona ikati.
Ngiyacabanga nje ukuthi sasizokwenzani isalukazi kuleso simo. Kulezi zinsuku, bambalwa abantu abasawazi umnyango webhange ukuthi ubheke ngakuphi. Phela usumane uvule ikhompyutha ulungise izinto zakho, ungakhulumanga namuntu. Nami nje ngiya ebhange kanye eminyakeni emine, nakhona ngoba ngiyolanda ikhadi elisha. Into engingakakhululeki ngayo wukusebenzisa umakhalekhukhwini, ngoba ziningi izigemegeme engizizwayo nokugqekezwa kwawo ngamaqola, bese eyokhithiza ngemali yakho wena ungazi. Ikhompiyutha yona ingcono ngoba uyakwazi ukufaka isivikela maqola. Phela amabhange kawayingeni eyakho uma usuntshontshelwe. Azokutshela ukuthi umakhalekhukhwini wakho yiwona obungavikelekile, ngakho akudokwe ligayelwe wona lelo. Manje sengizihleka mina msalofu, ngoba kangehlukile kuMaDlamini owayesaba umshini wemali.