Izingqwele zikamaskandi neqembu elisha

140

MTHOBISI SITHOLE

BASUNGULE iqembu elisha likamasikandi elibizwa ngeZingqwele, uMandla “Shwi” Xaba noMzovukile “Jaiva” Khanyeza. 

Engxoxweni ekhethekile yaleli phephandaba noShwi, uveze ukuthi kumnandi ukusebenza noJaiva futhi uyakholelwa kakhulu ekhonweni lakhe. 

Uthe nemimoya yabo iyatholana ngale kokusebenzisana ngokomculo. 

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi i-albhamu yeZingqwele izodedelwa ngoLwezi (November). Uthe babophele izingoma eziwu-14, ushuni ozodla ubhedu. 

UJaiva yena uthe sekunesikhathi eside bebhunga eyokuhlanganisa iqembu labo. 

Uveze ukuthi zonke izingoma abazenzile, bazicula bobabili ngokubambisana.

Kuvuka leli qembu nje, uShwi phambilini ubehlangene noZwelenduna “Mtekhala” Magubane abebambisene naye eminyakeni engaphezulu kuka-20 edlule. 

UShwi wahlukana noMtekhala ngenxa yokungaboni ngasolinye, kubangwa ukuthi uMtekhala wayefuna kuchithwe imenenja yeqembu labo ngoba enganelisekile ngokusebenzisana kwabo, kanti uShwi wayengahambisani nalokho. 

Previous articleUsegxile emsebenzini wobumeli owayengungqongqoshe
Next articleBabhikishele isikole esinogesi oshokha abafundi