Izingubo zebhantinti zikhiphe isidumbu

696

Kuthiwa ibhantinti belimhlukumeza umufi yize bese bahlukana

uNkz Nonhlanhla Makhaye obebuka kugwazwa kubulawa indodakazi yakhe, engakwazi ukuyisiza

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUKHALWA ngokude mbesela kwamaphoyisa esiteshi saseNsuze, okuvela ukuthi kunike owesilisa oyibhantinti ithuba lokugwaza abulale owesifazane waKwaHlathikhulu, eBhamshela ngoba ethi ufuna zonke izingubo amthengela zona besathandana. 

 ILANGA lithole ukuthi umsolwa ugila lo mkhuba nje, ungaphandle ngoshwele njengoba kuthiwa wayekade eboshelwe icala lokubulala unina wengane yakhe. Ugwa-ze wabulala uNkz Thandekile Makhaye (osesithombeni) phambi kukanina ngoMsombuluko emuva kokumzingela usuku lonke, engamtholi. 

Kuthiwa uNkz Makhaye ubulawa nje, sekunesikhathi ebika ukuthi umsolwa uyamhlukumeza, ka-ngangoba ubeseze wayofuna incwadi yesivimbelo senkantolo  emuva kokumklinya phambi komndeni wakhe ngoba efuna ukuhamba naye ngenkani yize bebe-ngasathandani.

 ILANGA lihambele umndeni wakwaMakhaye ngoLwesibili, lafika kukhona nezihlobo zikamsolwa ziyobhonga emswanini. Ekhuluma neLANGA unina kamufi, uNkz Nonhlanhla Makhaye, uthe namanje usasibona isithombe sikamsolwa egwaza indodakazi yakhe, ikhala kodwa engakwazi ukuyilekelela. 

“Bekuyintambama uThandekile ebuya ekhaya, esanda kungena nje kwaqhamuka lo mfana. Ungene wafuna izingubo athi wazithengela uThandekile besathandana. Ngizamile ukumvimba, wavele  wangiyabula wangilahla le kude. 

“Udonse indodakazi yami wayiphosa embhedeni wayigwaza ephindelela. Ngiphumile ngamemeza omakhelwane kodwa akekho ophumile, ngaleso sikhathi indo-dakazi yami bengiyizwa ikhala yaze yathula. Ngibuyele endlini umsolwa esephumile, indodakazi yami ibisithule,” kusho yena. 

Uthi isidumbu sayo besigcwele amanxeba emzimbeni nasentanyeni. Utshele ILANGA ukuthi umsolwa ubulala indodakazi yakhe nje, emasontweni amabili adlule bahlangane naye wayihudula efuna ukuhamba nayo ngenkani yize ibisimalile ngenxa yokuyihlukumeza. 

Uthi ngonyaka odlule umsolwa  washaya umufi wamphula umlenze. Uthi akazi nokuthi uzoyifihla kanjani indodakazi yakhe njengoba edonsa kanzima. 

UNkk Dingeni Phiri ongudadewabo kamsolwa – obeyokhalisa umndeni – uthi naye umfowabo wamsabisa ngokumbulala ngoba ecasulwa ukuthi wa-yemkhuza ngokuthatha umufi ngenkani ayolala naye emzini wakhe. 

“Ngagcina sengiyobikela induna ethi akanqeni ukuphindela ejele ngenxa yami. NaseNanda wenza okufanayo ebulala unina wengane yakhe,” kusho yena. 

Uthi umfowabo ubengumuntu olungile esakhula, washintsha ekuhambeni kwesikhathi. UMnu Mduduzi Mkhize ongumakhelwane lapho umufi abeca-she khona ngaphambi kokubulawa, uthi ama-phoyisa abikeliwe ngesikhathi umufi esazingelwa ngumsolwa, kodwa angafika ethi kayikho iveni. 

“UThandekile ufikile kwami ngingekho ezocela usizo, wacela ukucasha kwabebekhona. Ama-phoyisa athintiwe kodwa athi kawakwazi ukuza, iyodwa iveni. 

“Ngifike ntambama ngawashayela sekwenzeke lesi sigameko, ngiwazisa ukuthi njengoba engafika-nga nje, igcine ibulewe intombazane,” kusho uMnu Mkhize. 

UMnu Myekeni Bhengu ongundunankulu wesizwe saKwaMthuli, uthi umufi wake wafika kuyena eyobika ngokuhlukunyezwa ngu-msolwa, wamyalela ukuba ayomvulela icala emaphoyiseni. 

“Sinenkinga kule ndawo, kade sasicela ukuba kwengezwe isibalo samaphoyisa noma isiteshi esiwumahambanendlwana. Le ntombazane kade yayikhala ifuna usizo,” esho. 

Kwenzeka lokhu nje,  ILANGA sekukaningi libika ngezigameko zobugebengu eziqhubeka kuleya ndawo yaKwaHlathikhulu.

ngoMgqibelo uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha ko-Mphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni ubehambele eBhamshela ngazo izinkinga zobugebengu obudlangile khona.  

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-51 ngecala lokubulala. Uqinisekisile nokuthi umsolwa ungaphandle ngoshwele emuva kokuba wayeboshelwe icala lokubulala. 

Previous article‘Ubhunyele indodakazi ngomgxabhiso yafa kubangwa ikhadi likagesi’
Next articleOthisha bazogonywa nangezimpelasonto