Izinhlelo zeChiefs ngoDove

642

SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA izindaba ezithi iKaizer Chiefs isezinhlelweni zokugixabeza ngenkontileka entsha u-Edmilson Dove (29) (osesithombeni) oyisitobha sayo esidabuka eMozambique.

Kuvela lezi nje, le kilabhu izobhekana neCape Town City namhlanje ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto. 

UDove ujoyine iChiefs kumasizini
amabili edlule esuka kwi-UD Songo yangakubo. 

Ujoyina iChiefs nje, ubeseke wadlala kuleli njengoba ehlale iminyaka kwiCape Town City, emdedele emuva kokulimala
kanzima, okumphoqe ukuba abuyele kwelakubo.

Umthombo waleli phephandaba, uthe: “Inkontileka kaDove neChiefs iyaphela uma kusongwa isizini. 

“NgoMasingana (January), lo mdlali uzokube esenelungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma yiyiphi ikilabhu emfunayo. 

“IChiefs igculisekile ngendlela azinikele ngayo, yingakho izikhulu zivumelane
ngo-elethu ukuba anikwe inkontileka yeminye iminyaka emibili.

“Umdlali elicikizelayo ikusasa lakhe nguSifiso Hlanti. 

“Izikhulu kazigculisekile ngomsebenzi
awenza enkundleni njengamanje. 

“IChiefs ithungatha umdlali ozovala isikhala sakhe. Le sizini kungase kube ngeyokugcina uHlanti edlala kwiChiefs.”

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe kakukho okuphambi kwakhe okuthinta lolu daba angabika ngakho.

Eminye imidlalo yeDStv Premiership ephakathi nesonto imi kanjena:-

NGOLWESITHATHU

EDobsonville Stadium: Moroka Swallows vs Chippa United 17h00.

E-Athlone Stadium: Cape Town Spurs vs SuperSport United 19h30.

EDanie Craven: Stellenbosch vs TS Galaxy 19h30.

EKing Zwelithini: Richards Bay vs Polokwane City 19h30.

NGOLWESINE

EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs Golden Arrows 19h30.

Previous articleUHlabisa ubhonge emswaneni ngokudlula kukaStekeni nomfowabo
Next articleLititinywe wumphakathi lashona ibhantinti “ebelidlwengula” ingane (11)