Izinhlelo zokunxenxela uPitso kwiBafana

927

Uxoshwe ngokusemthethweni obengumqeqeshi

SENZO SOKHELA noMFANAFUTHI NDLOVU

IZIKHULU zeSafa kuleli sezinqume ukwenza imizamo yokuba kubuyiswe uPitso Mosimane kwi-Al Ahly yase-Egypt ukuze azozama ukutakula leli qembu lesizwe elilokhu lizike njalo. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli iSouth African Football Association (Safa) ihlela ukushaya indesheni kuPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi we-Al Ahly yase-Egypt, ngenhloso yokuba azololonga iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana. 

ISafa ibize isithangami sabezindaba eSafa House, eNasrec izolo ngoLwesithathu emini lapho imemezele khona ukuthi isimxoshile uMolefi Ntseki obelolonga iBafana. 

UNtseki uxoshwa nje, yingoba iBafana ishaye udaka ihluleka wukungena emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations (Afcon) ozokuba seCameroon ngonyaka ozayo. IBafana ishaywe yiSudan ngo-2-0 ekuhambeni ngeledlule. 

Ibidinga iphuzu nje kuphela ukuze ingene kule midlalo yaseCameroon. 

Umthombo waleli phephandaba uthi iSafa isijube ithimba elizohlangana noMosimane lishaye indesheni kuye ukuze azoqeqesha iBafana.

UMosimane uke wayilolonga iBafana phambilini ngaphambi kokuba ajoyine iMamelodi Sundowns ngo-2012.

“UNtseki uxoshwe ngoLwesibili ebusuku, lokhu obese kwenziwa izolo bese kuyisimemezelo esise-mthethweni. 

Umqeqeshi ogaqelwe yiSafa nguMosimane. 

Kunethimba elikhishiwe ukuba liyohlangana naye ukuze limunce-nge athathe lo msebenzi. 

Kubukeka izohlukana neningi imali ngoMosimane ngoba akasashibhile neze futhi kuzofanele kube khona imali esabekayo ezokhokhelwa i-Al Ahly.

Kodwa-ke konke kuzocaca uma leli thimba seliziqalile izingxoxo noMosimane. Kodwa-ke akhona namanye amagama abaqeqeshi avelayo njengoBenni McCarthy noGavin Hunt,’’ kusho lo mtho-mbo.   

UTebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu kwiSafa uthi nakuba sebemxoshile lo mqeqeshi kodwa bebengakahlangani naye ukumazisa ngesinqumo abasithathile nokuthi bazomukhokhela malini. 

Uthi beyiSafa bayaxolisa esizweni ngokwenzekile. 

“Sizolinda umbiko ovela ku-Ntseki ngodaba lwabasizi bakhe bese kuthi emuva kwePhasika sihlangane ne-technical committee ukubheka indlela eya phambili. 

Okuningi kuzokwenzeka emuva kwePhasika ngoba kunemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezayo,’’ kusho uMotlanthe. 

Ebuzwa ukuthi kungani uDanny Jordaan onguMengameli weSafa angasuli esikhundleni sakhe uthe yinto enzima leyo ukuthi yenzeke. 

Uthi njengoba uJordaan ekulesi sihlalo ubekiwe ngakho-ke ngabambekile abanelungelo lokwenza lokho.

Previous articleWINA NOKIA
Next articleAbakamasikandi ‘bayolila eNdlunkulu’