Izinkabi ziqedele usomatekisi kwi-ambulensi ephuthunyiswa esibhedlela

688

SKHOSIPHI MTHEMBU

ZIKHOMBISE unya nesibindi esesabekayo “izinkabi” ezi-mbili eziqedele usomatekisi ephakathi kwi-ambulensi, ephuthunyiswa esibhedlela ngoLwesibili ntambama, eMtubatuba. Ngokuthola kweLANGA, ababulali bahlasele erenki yoMtubatuba Long Distance Taxi Association, kwalimala osomatekisi ababili, obekukhona kubo noMnu Msawa-wenkosi Khumalo (61), abamqedele esephuthunyiswa esibhedlela. Kuvela ukuthi uKhumalo – obeseneminyaka engaphezulu kwewu-25 esematekisini – ubephuthunyiswa esibhedlela saKwaHlabisa kanti uzakwabo ubephuthunyiswa kwesinye.

ILANGA likhulume nomthombo walo oveze ukuthi i-ambulensi ibisidlula ndawana thile eMachibini, kwaqhamuka iVW Polo empunga sasiliva (silver grey). Abebekuyona kuthiwa bavele ngamawindi, bakhomba umshayeli we-ambulensi ngezibhamu, bamemeza bethi makayimise. Emuva kwalokho badubule umufi.

“Umshayeli nesisebenzi somnyango wezempilo – ebesingemuva – baphume babaleka,” kusho umthombo.

Umthombo uhlebele leli phephandaba ukuthi zike zaba khona izinxushunxushu kulo soseshini ebezimayelana nomzila obheke eGoli, kanti kakwaziwa noma lesi sigameko sisahlobene yini nazo.

Okhulumela iSouth African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal, uMnu Mduduzi Makhunga, uthe bawutholile umbiko ngalesi sigameko, wathi basalinde imininingwane egcwele ebuholini bukasoseshini ma-yelana nesigameko. Uthe: “Zike zaba khona izinxushunxushu kulowaya soseshini maphakathi nonyaka, kodwa kwahlalwa phansi zalungiswa, kangangoba iSantaco ize yatshala onogada erenki ukuzama ukubuyisa uzinzo nokuthula. Kusukela ngaleso sikhathi kakukaze kwenzeke lutho.” Uthe iSantaco iyasigxeka isenzo sokubulawa komuntu ngale ndlela.

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala, kanti bekungakaboshwa muntu.

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUyakhula umfelandawonye wamaqembu asophe ukugudluza i-ANC
Next articleIngwazi yaseCameron ecaleni lesondlo