ZIKHONA izimo ongakwazi ukuzibekezelela nalezo ezingabekezeleleki. Indlela oziphethe ngayo uma inezici ezithile kumele uyiguqule. Ungumuntu ohlale enamaqhinga ahlukene.
KHOMBISA intshisekelo ezinhlosweni zakho. Cubungula uthando lwakho ngendlela ezokwanelisa ngoba kukhona izinqumo namagxathu okumele uwathathe.
KUDINGEKA usebenzise umgomo wokukhetha lokho okuyiqiniso. Zama ukuthi ungahlehlisi lutho manje ukuze unqobe lokho owawuzinqumele kona.
UMZABALAZO wakho odinga izikhwepha uzowuqhuba nangengqondo. Ezinye izinkinga zakho ngeke zibe namandla okukuvimba kulokhu okuhlosile. Baningi abakubhekile emsebenzini wakho.
ISIZINDA senkululeko yakho sisengqondweni yakho. Ziningi izinto ezikushayile kodwa kukhona oziduduza ngakho. Umqondo obukhali uzokwenza ube nemibono ewusizo olukhulu.
QAPHELA ukuthi awusoli abathile uma kukhona oku-ngaqondile. Uyazama ukukhuthala ukuzama ukulungisa izinkinga zakho. Ukubambisana nomaqondana kuzoba yinto esemqoka kakhulu empilweni yakho.
LOKHO okuhambisana kakhulu nonembeza wakho kumele ukulandele. Kukhona eminye imicabango engakhi okuzomele uyikhiphe ngokushesha engqo-ndweni yakho. Izinga lokuhlela kwakho lizothuthuka.
UZOBONA kukusebenzela ukuyicubungula into ngapha-mbi kokuzihlanganisa nayo. Kuningi okunye okungekho mqoka obona sengathi kuthikameze izinhlelo zakho. Zinike isikhathi ucubungule lokho okumele ukwenze.
KUNINGI okumele ukufeze kodwa uma ungenawo umgomo ungazithuka usufeza okumbala. Kukhona ubudlelwano ongaqondi ngabo noma buyakuthokozisa yini. Umaqondana ubuye akubuke njengomuntu othanda ukuncengwa.
KUKHONA ibanga elide okusamele ulihambe empilweni yakho. Eminye imiphumela yamaphutha owenzile inga-gqama kakhulu. Uyaziwa ukuthi unokucabanga okusabalele futhi uqhamuka nokuhlukile.
UYAQONDA ukuthi noma yini oyenzayo empilweni yakho inenhloso ethile. Kuzodingeka ukubekezela uma ubona ukuthi ubhekene nesimo esingagculisi njengamanje. Okuzama ukukuvimba kumele ulwe nakho.
IZINGA lokuzethemba kwakho lihlale linyukile. Nguwena okumele uqiniseke ukuthi uyaqhelelana nezinto ezikwe-nza uvilaphe empilweni yakho. Unamandla okuguqula impilo yakho.