SKHOSIPHI MTHEMBU
ZIYAQINA izinsolo zokuthi liqale ladlwengulwa ngaphambi kokubulawa itshitshi elitholakale lilenga esihlahleni ngeduku kodwa izinyawo zalo zithinta phansi eBhonkolo, eMelmoth.
Simuncu isimo emndenini kaSinothile Mdluli (17) owagcina ukubonakala ephila ngeSonto kusihlwa, ethi uyolanda iselula kwamakhelwane, wangabe esabuya.
Kuthiwa isidumbu sakhe sitho-lwe yizingane zakwabo ebezithunywe esitolo esiseduzane. UMnu Dumisani Mdluli, ongumfowabo kamufi, uthi bayasola ukuthi udadewabo ubulewe njengoba ethi emzimbeni ubenemihuzuko ekhomba ukuthi uke wahudulwa phansi.
“Udadewethu uphume ebusuku endlini sekulelwe. Emuva kokuba ephumile, umzala wethu uzwe kukhala izinkomo kabuhlungu emnyango, wabe esevuka wayobheka ukuthi kwenzekani.
“Esengaphandle, uhlangane noSinothile omtshele ukuthi uyolanda iselula yakhe kwama-khelwane.
“Into ayiqaphelile umzala wukuthi bekunabantu abebekhuluma emgwaqweni okuthe nxa embuza ngabo, wamtshela ukuthi ngabafana nje basendaweni.
“Umzala ube esephindela endlini, uSinothile engumuntu ozolandela kodwa wangabe esabuya kwaze kwasa. Isidumbu sakhe size satholwa yizingane ebezithunywe esitolo.
“Into eyenza sisole ukuthi ubulewe, wukuthi ubelenga esihlahleni, kodwa izinyango zakhe zithi-nte phansi.
“Emzimbeni ubenemihuzuko, kanti abasondele eduze kwesidumbu, bathe nasesithweni sakhe sangasese ubopha. Sesilinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukwazi ukuthi ngempela kwenzekeni,” kusho yena.
Ikhansela lakule ndawo, uMnu Thulani Zincumu, lithe likhathazekile ngalokhu njengoba kungokwe-sibili kwenzeka into ethi mayifane endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu. Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
skhom@ilanganews.co.za