
LUPHENDUKE olwezinyembezi nosizi emndenini wakwaJabe, eGamalakhe, ePort Shepstone, usuku obeluhlelelwe umshado, njengoba luphenduke olokufihla iphoyisa obekumele lishadelwe, ngemuva kokudutshulwa libulawe ngababulali ababili ngeSonto ebusuku.
Ngokuthola kweLANGA, uSayitsheni Mlungisi Vincent “Maboyz” Jabe (45), (osesithombeni), udutshulwe wabulawa ephuma esitolo ezithengisa iziphuzo khona eGamalakhe, ngeSonto, mhla ka-30, wenyanga ephelile.
Kwi-video yangosuku lwesigameko (ILANGA eliyibonile), uJabe ubonakala ephuma esitolo abekuso angene emotweni yohlobo lweToyota Avanza. Ngemuva kwemizuzwana engenile, kuphuma abalisa ababili emotweni yohlobo lweToyota Corolla, bavulele ngenhlamvu amahlandla amaningi bebhekise kuye, maqede babaleke.
Ekhuluma neLANGA udadewabo kamufi, uNkz Nomonde Jabe, uthi bafe olwembiza ngokubulawa kukamfowabo ongumagcino kwabo. Utshele leli phephandaba ukuthi okubaphatha kabi wukuthi usuku afihlwe ngalo, bekumele kube yilona abopha ngalo ifindo lomshado nowakwakhe.
“Kuyiqiniso ukuthi usuku lwangoMgqibelo okufihlwe ngalo umfowethu, bekuyilolu abeluhlelele umshado wakhe. Bekumele kube wusuku oluhle, lokujabula, kodwa kwangabe kusenzeka. Kusiphathe kabi ukudlula emhlabeni kukamfowethu, njengoba besimazi engumuntu onothando olumangalisayo. Uthando lwakhe belungagcini kithina njengomndeni, kodwa beludlulela nasemphakathini imbala,” esho.
Uchaze umfowabo njengomuntu obewusizo olukhulu ezinganeni zakwabo, nakwabanye abantu.
“Umfowethu bekunguye umagcino ekhaya, kodwa indlela abenza ngayo kithina siyizingane zakwabo, bekuze kube sengathi nguye omdala kunathi, ngendlela abesithanda futhi esinakekela ngayo. Siyafisa ukuthola ubulungiswa, sicaciseleke nokuthi ubenzeni, kubani. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azosebenza ngokukhulu ukuzinikela, asilekelele sithole ubulungiswa, njengoba naye umfowethu ebesebenza ngokuzikhandla, etholela umphakathi ubulungiswa,” kuphetha uNkz Jabe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda, uthunyelwe imibuzo, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.







