Izinyembezi kuMagudumana efaka esebheyili

707

LUCKY CAIN

UVEZE okushaqisayo ngesikhathi efaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, uNandipha Magudumana obhekene necala lokusiza isoka lakhe, uThabo Bester ukuba eqe ejele nelokuhamba eNingizimu Afrika ngokungemthetho.

UNandipha uhlulekile wukuzibamba, zehla izinyembezi, ngesikhathi ummeli wakhe efunda isicelo sakhe sebheyili. Phakathi kwezinto uNandipha – osephuciwe ilungelo lokuba ngudokotela – azibalulile esicelweni sakhe sebheyili, wukuthi akeqanga ngokuthanda kwakhe kuleli, kodwa waphoqwa nguBester.

Uveze nokuthi uzimisele ngokusebenzisa nengalo yomthetho, ngeke alibalekele icala njengoba engazimisele ukuphila njengomuntu osekubhaceni. Utshele inkantolo ukuthi angakwazi ukukhokha ibheyili ka-R10 000. Imantshi ilihlehlisele ihora lesibili leli cala, njengoba iveze ukuthi kunemininingwane okumele iqinisekiswe, okubalwa kuyo nekheli uNandipha azobe elisebenzisa ngesikhathi engaphandle ngebheyili. Icala lizoqhubeka ngehora lesibili.

Previous articleIZILOKOTHO EZINHLE KUMNTWANA USHENGE
Next articleKuhlonishwe uLeleti Khumalo