Yebiwa ineminyaka emine ngowesilisa owayeyisebenzisa nezinye ‘azebile’ ukucela imali emigwaqweni
anyamalala. Unodadewabo omncane uPhumelele.
PHUMLANI GAMA
KUQHUME isililo kowesifazane nendodana yakhe behlangana okokuqala ngemuva kweminyaka ewu-23, yantshontshwa ngowesilisa angamazi ineminyaka emine. UMnu Phumlani Skhakhane (27), wahlukana nomndeni wakhe ngonyaka ka-1999, entshontshwa ngowesilisa angamazi. ILANGA lixoxe nonina womfana uNkz Fanisile Sikhakhane (52), olilandise ngokunyamalala kwendodana yakhe mhla ka-15 kuZibandlela (December) ngo-1999. Uthi yanyamalala ngosuku okwakufanele ayohlangana ngalo noyise wayo enkantolo, eyonyusa imali yesondlo sengane. Uthi ngaleso sikhathi wayekade eshadele kwaSimamane, nendoda-na yakhe yayibiza isibongo sakwaSimamane, ekubeni izalwa kwaMakhoba. Uthi ngaleso sikhathi babehlala efulethini, ePhoyinti, eThekwini.
Kusukela ngesikhathi kwanyamalala indodana yakhe, uthi akakaze akuthole ukuphumula, ubehlala ngokubhalela emisakazweni, ezinkundleni zokuxhumana nakuleli phephandaba. “Ukunyamalala kwendodana yami kwangilimaza, kangangokuba ngagcina sengingena nasebugebe ngwini, ngaboshwa. Ngihlale ejele iminyaka eyishumi ngidonsa isigwebo okumanje sengisiqedile. “Ngiqhubekile nokuyifaka ezinkundleni zokuxhumana indaba yami. Kukhona omunye usisi enginokuxoxa naye, owangena ebhokisini lami lemiyalezo, wathi ubona udaba lwami lufana nolunye olufakwe ngomunye umuntu oseGoli, kodwa kwehlukene izibongo.
“Ngimnike izithombe wazidlulisela kumuntu axoxa naye. “Kwavela ukuthi umuntu oxoxa nomngani wami ku-Facebook ngumama wengane yakhe uPhumlani. Ngithumele izithombe zikaPhumlani esemncane, unina wengane wamkhombisa, watshela intombi yakhe ukuthi uyazibona ukuthi nguyena esemncane lapha,” kusho unina kaPhumlani, othi baqale lapho ukuxhumana nendodana yakhe ngenkundla yokuxhumana. “Ngibe sengiqala ukukhuluma nayo ocingweni. NgoLwesihlanu ubelapha ekhaya, wajatshuliswa nawukubona udadewabo amelamayo, uPhumelele. Injabulo yabo iqale ocingweni. Ngithokoze kakhulu uma ngibona indodana yami.
“Namanje zivele zehle izinyembezi uma ngicabanga ngokuthi sengizokwazi ukuhlangana nayo ngaso sonke isikhathi, ” kusho uNkz Sikhakhane. UPhumlani utshele ILANGA ukuthi uyakhumbula wahamba kanjani. Uthi wathathwa yindoda eyafika kuyena yamupha u-ice cream nezinye izinto ezidliwayo, emuva kwalokho yahamba naye, yayogibela isitimela. Uthi akazi ukuthi babeya kuphi kodwa akukhumbulayo wukuthi le ndoda yafika yamhlalisa nabafana abathathu, okwakunguQiniso Madela, uBongumusa Ndlovu noNtuthuko angasasikhumbuli isibongo sakhe. “Le ndoda yayihamba ilala, ivuka nathi emigwaqweni icela imali. Yayicela kakhulu ezindaweni zaboMdabu waseNdiya. Sahamba sagcina sifika eSoweto, eGoli, okuyilapho yafike yathandana nomunye umama, kanti inhloso yayo wukuntshontsha ingane yakhe, uSabelo.
“Kwathi le ndoda isibaleka nathi naye uSabelo, yabanjwa ngamaphoyisa etekisini yaboshwa. Kulapho engaqala khona ukukhuluma ukuthi mina kangimazi lo baba, ekhaya kungasolwandle futhi mina nginomama njengoba yayithi masingasho ukuthi sinomama. Yaboshwa thina sathathwa ngosonhlakahle kanti sekuyisikhathi sokuthi sihlukane,” kuchaza uPhumlani ngosizi lwakhe. Uthi wakhuliswa ngumndeni wakwaMbatha onamatekisi. “Ngahlala isikhashana esikhungweni sezenhlalakahle ngoba kwafika ubaba uSimon Mbatha, owayenamatekisi eZone 6, eSoweto. Wayenomndeni omkhulu benomama uSarah Mbatha. Kulapho khona ubaba uMbatha wangikhulisa ngendlela efanayo nezinye izingane. “Ngo-2007, wadlula emhlabeni ubaba uMbatha kimina kwaqala ukuba nzima kakhulu. “Ngaqhubeka ngabekezela ngafunda isikole nakuba izingane zakhona zazifunda ezikoleni eziphambili mina ngifunda elokishini.”Kumanje ngiphila ngokubamba amatoho ngemuva kokuba ngiphelelwe wumsebenzi ngo-2020. Ngijabule kakhulu nangokuhlangana nobaba ongizalayo futhi kungithokozisile nokuthi umama abone ukuthi ubaba, uRobert Makhoba, akanaso isandla eku-ntshontshweni kwami,” esho.