Izinyunyana zifuna imithetho eqinile ukulwa nocansi nomgwazo ekuqashweni kothisha

215

MTHOBISI SITHOLE

ZILWA nokuqasha ngocansi nokugwaza izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ezithi zifuna imithetho eqinile ezolawula uhlelo lokuqashwa kothisha abasha ezikoleni. Uhlelo lokuqashwa kothisha lubuyiselwe ezigungwini zezikole. Ngesonto elizayo kulindeleke ukuba kumenyezelwe izikhala  eziwu-600 zothisha okufanele zigcwaliswe. 

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uthi okwamanje zizokhangiswa ngokuvulelekile emphakathini. Uthi zingaphezulu kwalesi sibalo ezikhona kodwa ngokwesabelomali, kuzoqashwa kancane okwamanje. 

UNobhala Sadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza (osesithombeni) uthi lolu hlelo bafuna luhlomulise uthisha ongakaze aqashwe esikoleni, noma obeyitoho phambilini. “Lolu hlelo luvulelwe amathuba emisebenzi ebantwini abasha. Kakufanele luhlomulise othisha abafuna ukushaya isidudla nabafuna ukushintsha izikole. Imithetho ezobekwa emnyangweni kuzofanele sivumelane ngayo ukuze othisha abangakaze baqashwe, bathole imisebenzi,” kusho uNkz Caluza. Uthi uhlelo lokuqashwa kothisha ngokwe-database – belunezinkinga kakhulu. 

UNobhala weNatu, uMnu Doctor Ngema, uthi ukuziqashela kwezikole kuzokwenza ukuba zithole uthisha ezizomhlonipha. 

Uhlelo lokuthi izikole ziziqashele othisha, lwavalwa eminyakeni engaphezulu kuka-12 edlule ngenxa yezikhalo zokwenzelela kothishanhloko.  Njengamanje, kuthiwa othisha bazohambisa izicelo zabo emahhovisi ezemfundo (emasekethe) kulezo zindawo okunezikole ezinezikhala ezivulekile. Kwisekethe kuzobhekisiswa ukuthi zonke izimfanelo ziphelele yini kwiCurriculum Vitae (CV), bese ihanjiswa esikoleni. 

Izikole zizohlunga abawu-5 abazodlulela esigabeni senhlolokhono ezokwenziwa yizigungu ezilawula izikole. Lolu hlelo luzosingathwa yizinyunyana nezithunywa zomnyango wezemfundo emazingeni aphezulu. 

Isigungu sesikole sizobhala incwadi yezincomo ngalowo esibone efanele ukuqashwa. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleBafuna ajeze uthishanhloko “owadlwengula” umfundi (8) emagcekeni esikole
Next articleLizibulele iphoyisa “elishayise labulala” owesifazane ngemoto “yasendlunkulu”