Iziqophamkhondo ziveza ukuthi umyeni wayekhona kubulawa inkosikazi

1410

SKHOSIPHI MTHEMBU

“UNDLOVU wehlulwa wukwamukela ukuthi inkosikazi yakhe yayisiphumile emzini wakhe, isifuna nesehlukaniso, isithole ubudlelwano obusha, wabona kungcono ayibulale.” Lokhu kushiwo ngu-Mnu Thabani Buthelezi ongumshushisi ecaleni elibhekene noMnu Sifiso Ndlovu obhekene necala lokuthumba, wukucekela phansi impahla nelokubulala uNkk Khulu-kazi Ndlovu owayeyinkosikazi yakhe. 

Umlotha kaNkk Ndlovu watholwa emathuneni aseMachobeni, eNanda, okusolwa ukuthi washiselwa emotweni yakhe esebulewe. 

Umshushisi wenze izethulo, watshela inka-ntolo ukuthi uNdlovu wayenenhloso yokubulala inkosikazi yakhe ngoba wayehluleka wukwamukela ukuthi isimshi-yile futhi isinobudlelwano obusha nowesilisa onguMnu Sifiso Mbonambi, eya-yisebenza naye. 

Uthe uNdlovu wahluleka ukubhekana nokuthi isimenzele incwadi yesivimbelo sasenkantolo, futhi wayecasulwa nawukuthi isoka elisha seliyithengele imoto inkosikazi yakhe. 

Utshele inkantolo ukuthi umbuso ukwazile ukuveza ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi uNdlovu wabulala umufi esizwa ngowesilisa okuthiwa nguVibes, ayehlala naye emzini wakhe. 

Uvezele inkantolo ukuthi uVibes wayengowokufika, engenayo indawo yokuhlala, uMnu Ndlovu wabe esemnikeza, wasebenzisa lokho ukuba amsize ukubulala inkosikazi yakhe. Uthe akulona iqiniso okwashiwo nguNdlovu ukuthi uVibes wamntshontshela u-R16 000 wabe esebaleka, kodwa uthi eqinisweni leyo mali kwakuyinkokhelo yakhe, emuva kokumsiza ekutheni abulale umufi. 

Umshushisi uthe ubufakazi obethulwe enkantolo obuphathelene nokwaqoshwa wumakhalekhukhwini kaNdlovu nokaVibes nobesiqophamkhondo (tracker) semoto kamufi, bukuveza ngokusobala ukuthi uNdlovu noVibes babendawonye kuzona zonke lezi zindawo okwakuhamba khona imoto kamufi, kuze kube kuyofikwa lapho kwatholakala khona umlotha wakhe. 

Uvezele inkantolo ukuthi umakhalekhukhwini kaNdlovu uyabonakala udonsa nokaVibes endaweni yesigameko, kuphinde kubonakale okaNdlovu usudonsa ePhoenix Plaza eduze negaraji likaphethiloli esikhathini esiyimizuzu ewu-20. Uthe ngaleso sikhathi okaVibes wawusele endaweni yesigameko. 

Uveze ukuthi emuva kwesikhathi esincane, umakhalekhukhwini kaNdlovu ubonakala usuphindela emuva, usudonsa ndawonye nokaVibes, lapho kwakusele khona imoto kamufi. 

Uthe kungamanga aluhlaza okushiwo ngu-Ndlovu nomshana wakhe, uMnu Lindelo Vezi, abatshele inkantolo ukuthi uVibes nguyena owahamba nezingcingo zikaNdlovu. 

UMnu K Jairam ongummeli kaNdlovu, uthe kuliqiniso ukuthi umakhalekhukhwini wekilayenti lakhe wawusetshenziswa ngomunye umuntu. Uthe mayelana nokuthi akawabikelanga amaphoyisa, kakulona iqiniso ngoba waze wathola ngakusasa ukuthi inkosikazi yakhe inyamalele. 

Uthe ukufika kwakhe nommeli yingoba kwakuvelile ukuthi kwakunezinkulumo ezazithi uma kuke kwenzeka okuthile kumufi, kuyobhekwa yena. 

Ijaji libe selicela ukunikwa isikhathi ukuba licubungule izethulo bese likhipha isinqumo. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUbonge abaphansi noNkulunkulu ethola indondo kumaSafta
Next articleBethulwe nezethembiso ubuholi obusha beNFP