SENZO SOKHELA
IGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala iRoyal AM ilinyale-lwa ngumdlali wayo ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates abazobhekana nayo emdlalweni omqoka wequarter final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-18h00 eChatsworth Stadium, eThekwini. Lo mdlalo uthathwa njengomkhulu KwaZulu-Natal ngale mpelasonto njengoba kulindeleke ukuba uhehe izinkumbi zabalandeli. I-AM ikubeke kwacaca ukuthi ngale sizini izimisele ngokunqoba izinkomishi, kubalwa nayo iMTN8. Kanti neBucs ngokunjalo ifuna ukuqeda isomiso esidlangile sezinkomishi ekhempini yayo.
I-AM igqemeke ingozi njengoba izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaMenzi Masuku odlala esiswini, owake wagijima kuyona iBucs. UMasuku ebuzwa yileli phephandaba ngalolu daba, uthe: “Yibhadi nje leli, kangikho kulo mdlalo wePirates ngenxa yedolo. “Bengiwuhalela lo mdlalo kodwa-ke kakusenani. “Kodwa-ke ngibathembile ozakwethu ukuthi bazowunqoba lo mdlalo ngoba bayazi ukuthi le nkomishi iyadingeka.” Ube esecela abathandi bebhola esifundazweni ukuthi baphume ngobuningi babo ukuzokweseka i-AM. Amathikithi ayo yonke imidlalo yama-quarter final abiza u-R40.
Isiyonke imidlalo yesigaba sama-quarter final eMTN8 iqhathwe kanje:- NGOMGQIBELO E-Athlone Stadium: Cape Town City FC vs AmaZulu 15h00. EChatsworth Stadium: Royal AM vs Orlando Pirates 18h00. NGESONTO EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Kaizer Chiefs 15h00. E-Absa Tuks Stadium: Mamelodi Sundowns vs SuperSport Utd 18h00.