Izoqiniswa imithetho yokuvalwa kwezwe KwaZulu-Natal

858

THANDEKA NGOBESE

KUZOPHELA ukuba yikwamachanca impunz’edl’ emini KwaZulu-Natal, njengoba izoqiniswa imithe-tho yokuvalwa kwezwe yesigaba sesine kwazise zilokhu ziqhubekile nokwenyuka izibalo zabatheleleka nge-coronavirus kulesi sifundazwe.
Esigcawini sabezindaba izolo eThekwini, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, uthe njengoba sesisegabeni sesine sokuvala kwezwe, ezindaweni ezifana neSiphingo naphakathi edolobheni abantu sebegcwele yonke imigwaqo, abanye baze balukane eceleni komgwaqo.
Abanye babambana ngezandla bependana izinzipho sengathi sekuvuliwe ukusebenza ngendlela eyejwayekile kanti cha.
“Abanye bagcwele emadolobheni kabazifakile nezimfonyo, kunamabhizinisi okusafanele ngabe asavaliwe ngokwesigaba sesine se-lockdown kodwa asevuliwe. Sesitholile nohlu lwamafemu aphule imigomo yesigaba sesine sokuvalwa kwezwe.
“Sithi kulabo abephula imithetho nawo la mafemu azenzela umathanda, kusukela namhlanje, izoshisa insimbi njengoba umthe-tho uzoqiniswa kakhulu. Maku-ngabi khona noyedwa ozothi akatshelwanga noma ozokhala uma seliqina ibhawodi,” kusho uMnu Zikalala.
Uthi iKwaZulu-Natal kumanje ibalwa nezifundazwe ezinabantu abaningi abatheleleke nge-coronavirus njengoba sebewu-1 307 abanaleli gciwane kanti sekufe abawu-43.
“Kulokhu kuhlolwa kwabantu okuqhubekayo, kuyethusa ukuthi abatholwa naleli gciwane usuku nosuku bawu-19 kuya phezulu. I-Theku neLembe yibona omasipala abanesibalo esiphezulu sabathelelekile.
“ITheku liphinde lihambe phambili ngezibalo zabantu abashonayo ngenxa yalesi sifo njengoba be-balelwa ku-80% kulaba abawu-43 asebeshonile. Kufanele sikusho ukuthi lisisizile ikhwelo likaMe-ngameli Cyril Ramaphosa lokuthi abantu mabahlolelwe lolu bhubhane ngoba laba bantu asebetholile ukuthi banalo, ngabe kabakatholwa.
“Lesi simo sokuhlolwa kwabantu ngale ndlela kusenze sabona ukuthi kumele silungise izindawo ezizogcina abantu abagulayo uma bezidinga.
“Kumanje sinemibhede ewu-5 780 esiyilungiselele isimo sokuthi singabi nenkinga uma
zanda lezi zibalo. Sisakhuluma noPhiko lweKZN Ezemvelo Wildlife ukuthi lusinike ezinye zezindawo zalo esizozisebenzisa uma kunesidingo,” kusho uMnu Zikalala.

Previous articleISafa ne-PSL bahlangana kusasa ngoLwesibili
Next articleUmhlonyane yikhambi ebelisetshenziswa