Izwe lethu liyokhululwa wukukhula komnotho

591

ZIYANCOMEKA izinyathelo ezithathwe wuhulumeni zokusiza abampofu namabhizinisi abuthaka kulesi sikhathi esinzima sobhubhane iCovid-19.

UMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi uhulumeni uzosebenzisa u-R500 billion ukwenza izimpilo zabadla imbuya ngothi zibe ngcono nokuxhasa izinkampani ezisenkingeni yezimali. Lesi simo esibucayi sidalwe wukuvalwa kwezwe thaqa ukuze kunqandeke ukubhebhetheka kwaleli gciwane eliwuqothizizwe.

Kulezi zigidi zemali, labo abanezingane kodwa abangakwazi ukuzondlela bona, bazohlumula inkece eyengezwe ngo-R500 ngaphezulu, okusho okuthi sebezohola u-R970. 

UMnu Ramaphosa ubuye wamemezela ukuthi abantu abangasebenzi bazothola u-R350 umuntu emunye, ukubasiza ukuba bakwazi ukuxosha ikati eziko. Izaguga zona zizokwengezelwa ngo-R250 empeshenini yazo.

Okumenyezelwe wumengameli kuyawenza umqondo ngoba phela siphila esikhathini esinzima, lapho izigidi zabantu zibulawa yindlala.

Sethemba ukuthi lezi zimali zizotholwa ngabantu abafanele, zingapheleli emaphaketheni ezikhulu ezithile zikahulumeni nabangani bazo, njengoba kujwayele ukwenzeka kuleli zwe. Kuzodingeka amaqembu aphikisayo ephalamende, yizinhlangano ezizimele nemithombo yabezindaba babheke ngeso lokhozi ukuthi le mali kayikhwatshaniswa ngosomathuba.

Kulindeleke ukuba umengameli ethule enye inkulumo ebhekiswe esizweni namuhla ngoLwesine, lapho ezobikela khona izwe ukuthi kuzoqala nini ukuvulwa kwezinkampani nezikhungo zemfundo ukuze isimo siqale ukubuyela kwesejwayelekile. Kodwa iqiniso okufanele silazi wukuthi, kusekude ukuba kuphele ukugonqa emakhaya ngoba uqothizizwe usaqhubeka nokubhebhetheka kuleli, nabantu bayafa.

Uma sibuyela kwezomnotho, kusazoba nzima ezweni njengoba ingxenye enkulu yemali ezokwabiwa kuzoba ngeyokubolekwa ezinhlanganweni zezimali, okungabalwa lapha iWorld Bank, i-International Monetary Fund (IMF), neNew Development Bank.

Ukuphila ngezikweletu njengoba sesikujwayele nje, kusho ukuthi thina nezizukulwane zethu kuyodingeka siyikhokhe le mali iminyaka eminingi ezayo.

Enye inkinga esisazobhekana nayo maduze wukuthi le mali eyengeziwe ezonikwa izaguga nezingane ezingenabo abondli nabantu abangasebenzi, bazoyejwayela. Sinokwesaba ukuthi kuzoba nzima ezinyangeni eziwu-6 ukuba uhulumeni akwazi ukuyimisa, okuyofaka izwe kwezinye izikweletu ngoba kuyofanele uhulumeni abuye ayocela imali emazweni ukondla izakhamizi zakuleli.

Lokho kungabeka izwe lethu esimeni lapho iningi labantu liphila ngemali yokuphiwa wuhulumeni, okuyothwesa ijoka kulabo abasebenzayo lokuba imali yentela abayikhokhayo
isetshenziselwe ukondla abanye abantu, hhayi ukuqhuba imisebenzi yomphakathi njengokwakha ingqalasizinda, imigwaqo, izikole nezikhungo zezempilo.

Ikhambi lezinkinga zethu linye qha; wukuba kukhule umnotho wezwe, abantu bakwazi ukuthola imisebenzi noma baziqalele amabhizinisi abo ukuze bakwazi ukuziphilisa bona, bangahlale bekhangeze kuhulumeni.

Previous articleKusazoshuba kwabadla imbuya ngothi
Next articleIyinkinga eye-rent kwabaqashile