Jabulile Nxumalo

1109

PHUMLANI GAMA

UNKZ Jabulile Nxumalo otholakale emjondolo wakhe eMagogogweni, eHluhluwe egwazwe wabulawa. okunezinsolo zokuthi uqale 
wadlwengulwa.

SITHOLWE ngoMgqibelo sidindilize edanyini legazi emjondolo abehlala kuwona nezingane zakhe ezintathu isidumbu sowesifazane waseMagogogweni, eHluhluwe, okusolwa ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe. 

Isidumbu sikaNkz Jabulile Nxu-malo (37) sitholwe ngomakhelwane bakhe ngemuva kokuba bebone kuphakama ilanga engaveli ngaphandle. Sitholwe izimpahla zakhe zangaphansi zingasezinyaweni, sigwazwe ngento ecijile entanyeni. 

UMnu Celukwakha Mdletshe oyilungu lomndeni, uthi uthintwe ngomakhelwane bakanina omncane bemtshela ukuthi makaphuthume endlini kamufi. 

“Ngithe ngifika ngahlangana negazi ebeliphuma emanxebeni kamama. Namanje ngiyazibuza ukuthi zivelaphi izigilamkhuba zalolu hlobo. Umama ubengumuntu ozi-philisa ngokubamba amatoho, ezihambela esontweni lakhe lamaZayoni nasemihlanganweni yeqembu lakhe, i-IFP. 

“Sidumele ngokusehlele ngoba besingakulindele. Ushiye izingane zakhe okumanje kazikho lapha zivaleleke emakubo,” kusho uMnu Mdletshe. 

Ikhansela lendawo, uMnu Zeblon Nkwanyana lithe kuyacaca ukuthi kusafanele kwenziwe umsebenzi ongeke umenyezelwe esidlangaleni, ukubhekana nalezi zigilamkhuba. 

“Kanginawo amaningi ngaphandle kokuthi nje, sekushile kuzona zonke izigilamkhuba esezibona ukuthi sekufanele zibuyele futhi kuleli lokishi. Naphambilini le ndawo ike yaba yisidleke sezigilamkhuba kuhlaliswe lubhojozi abantu. 

“Sizobuyela ezinhlelweni zethu zokulwa ngoba kubukeka sekuyisikhathi sokuba isuke. Le ngane ebulewe ingumuntu obengenasitha, lesi yisikhathi sokuba kubanjiswane kungabikhona noyedwa ogila umkhuba. Iyangidina nje indaba yomuntu odlwengulayo ngoba kukhomba ukuthi yisishimane leso, okuyinto engafuneki ngoba ziningi izintombi lapha ngaphandle,” kusho uMnu Nkwanyana. 

UMnu Mzikhona Nxumalo ongu-sihlalo we-IFP eHluhluwe, udlulise amazwi enduduzo emndenini nakuwona wonke amalungu eqembu lakhe. 

“Egameni leqembu sithanda ukudlulisa amazwi okududuza emndenini welungu lethu, silahlekelwe kakhulu ngokudlula kwalo emhlabeni ngesihluku esinje. Sikhalela nazo zonke izinhlaka abebambe kuzo iqhaza,” kuphetha uMnu Nxumalo.

 Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa aseHluhluwe avule icala ngokutholakala kowe-sifazane eshonile endaweni ahlala kuyona. Uqhube wathi isidumbu sitholakale sinamanxeba amabili kanti amaphoyisa asaphenya, bekungakaboshwa muntu.

Previous articleunzima emndenini obhidlikelwe yindlu
Next articlekudutshulwe isalukazi phambi kwezingane