Kabagculisekile ngemiklomelo abagwedli

191


MZWAMANDLA ZONDI

UQHUBEKILE nokuzidlela amahlanga kwiDusi Canoe Marathon u-Andy Biirkett enqoba lo mjaho okwesi-14 kanti umgwedli osenqobe lo mjaho amahlandla awu-15 nguGraham Pope Ellis. U-Andy udle umhlanganiso egwedla noMatthew Fenn.
Indawo yesibili kulo mjaho ithathwe nguSibonelo Khwela noMsawenkosi Mthalane abawuqale kahle umjaho bedla umhlanganiso ngosuku lokuqala, kwathi ngosuku lwesibili nolwesithathi  kwanqoba o-Andy.
UKhwela uthe umjaho uhambe kahle kakhulu, wathi u-Andy ubavukele esiswini njengotshwala waze wayodla umhlanganiso, wamchaza njengesilwane kulo mdlalo.
Uphethe ngokuthi kabenelisekile ngomklomelo ka-R30 000 otholwa yizingqwele, bafisa wengezwe, uthe amehlo akhe asethe njo Non Stop Dusi. Izingwele kwabesifazane kube ngu-Abby SOLMS no Jessica Bern.

Izingqwele zeDusi Canoe, uAndy noMatthew bephahle uNgqongqoshe wezeMidlalo eKZN, uDkt Ntuthuko Mahlaba.
Previous articleI-Sanco kwakufanele ibone kusakhanya ukuthi uMsholozi akahleli, uyadlula
Next articleAseveziwe amagama amasosha akuleli abulawe eCongo