PHUMLANI GAMA
ISOLA uMnyango weziNdaba zoMdabu nokuBusa ngokuBambisana (cogta) KwaZulu-Natal ngokuba nenzondo oyibhekise kumasipala imeya yomkhandlu Abaqulusi uMnu Khehla Mkhwanazi. Izolo ngoMsombuluko lomkhandlu ube ubambe isithangami sabezindaba ebe sibanjelwe emahhovisi alo mkhandlu ngenhloso yokucacisa kabanzi nokwethula umbiko ngesimo sokusebenza kwalo mkhandlu.
UMnu Mkhwanazi uthathe izintambo zokuhola lomkhandlu ngenyanga kaNhlangulana (June) ngonyaka owedlule. Uthe kuningi okusezinhlelweni zobuholi ngenhloso yokuthuthukisa izimpilo zezakhamizi zakule ndawo.
Uthe zikhona izinkinga ezikhona kodwa ziyalungiswa. Ubalule inkinga yokuntshontshwa kwengqalasizinda kagesi okungamakhebuli kanye nemibhikisho ehlala ngokuqubuka emiphakathini ngoba kunabathile abagovuza umphakathi ukuba ubhikishe uma ucishelwa ugesi oxhunywe ngokungemthetho.
Lo mholi uthe inkinga enkulu kakhulu wukugxambukela komnyango ngokufuna ukufaka lomkhandlu ngaphansi kweso lomlawuli ngaphandle kokubeka izizathu ezibambekayo.
“Lapha siyasebenza ngaphandle kwezinkinga ezinkulu kodwa ezinsukwini nje ezimbalwa sithole incwadi esazisa ukuthi sizofakwa ngaphansi komlawuli. Kubukeka kunenzondo okwenziwa ngahola lomnyango ngoba belobizela amandla okuhola lomkhandlu. Izinkinga eziningi siyazixazulula. Kumanje sinebamba lemenenja ngemuva kokuba siqoke ukuyimisa imenenja yomkhandlu ngoba sikholelwa ekutheni kwenziwe uphenyo ngokukhululeka maqondana neziqu zayo okuvela ukuthi kukhona okushayisa ngamakhala ngazo.
Phakathi kwezinye zezinto kunodaba oluthinta igama lami kuthiwa ngakhipha umyalelo wokuba onogada bami badubule babulale ilungu lomphakathi. Angeke ngikhulume kabanzi ngalokho kodwa uzokwethulwa umbiko wophenyo. Kafushane nje mina ngangingekho lapha eVryheid. Ngangithunywe yiqembu lami ukuba ngiyokhankasa njengoba kwakunokhetho eMtshezi,” kusho. uMkhwanazi.
Uqhube wathi bazonikela enkantolo. “Sizophoqeleka ukuthi sinikele enkantolo uma kuwukuthi umnyango wakwa-Cogta uqhubeka nalesi sinyathelo sawo. Ungqongqoshe uNkk Bongi Sithole-Moloi akukho lapho khona eke wasisola ngokuthi siyehluleka maqede wenza imizamo yokusitakula. Sifuna izizathu ezinqala. Ngo-2011 kuya ku-2016 lomkhandlu wangena ehlazweni lokuba nomenenja abawu-9 belokhu beshintshana ngawo. Omunye wahlala usuku olulodwa maqede wangabe esabuya,” kuphetha uMkhwanazi.