Kabasalali ngenxa yengane (2) enyamalele

719

NONHLAKANIPHO SHINGA

KAWUSABAZI ubuthongo umndeni wengane eneminyaka emibili enyamalale ihambe nenye eneminyaka ewu-13, ziyolanda izinkomo eNkandla. Kuthiwa lena endala  ishiye encane entabeni yona isayolanda izinkomo emhosheni, yabuya ingasabonwa. 

ULuzelwande Mkhize (2) (osesithombeni) unyamalala nje, ubevakashele kubo kayise. 

Ngokusho komndeni wakwaShange, eNtingwe, khona eNkandla, ingane ibijwayele ukuvakashela kubo kayise, kubathusile ukuthi inganyamalala ingabe isatholakala. 

Uninalume, uMnu Sifiso Shange, uthi bathole ucingo luvela emndenini wakubo kayise wengane, ubatshela ngokwenzekile. 

“Ngoba unina uyafunda esikhungweni semfundo ephakeme eThekwini, ingane ihlala ekhaya nathi nogogo wayo, ibuye ivakashele kubo kayise. 

“Ngishayelwe ucingo nguyise wengane, engitshela ngokunyamalala kwayo, sabe sesiphuthuma khona siyobheka, sabikela namaphoyisa,” esho.

Okhulumela amaphoyisa uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asaphenya ngokunyamalala kwengane futhi bacela abangaba nolwazi bathintane nawo ngokushesha.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUjabulile uKhuzani ehlonishwa ngeleLembe
Next articleUthi uzogonyuluka emuva komngcwabo umndeni wobulawe ngamaphoyisa