Kabunakwa ubugebengu bezinkampani ezizimele

522

SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA

KUNINGI okungalungile ezinkampani ezizimele eNingizimu Afrika. Abemboni ezimele kubukeka sengathi balawulwa yimithetho eyahlukile kwelawula iNingizimu Afrika. Ziningi izigameko ezenza ngisho lokhu. Ngesikhathi kwakhiwa izinkundla zezemidlalo, kwatholakala ukuthi izinkampani ezizimele zadibana zenza ubugebengu, zenza intengo
kasemende yavuna zona. 

Okuyihlaya elikhulu, wukubona ikhomishini yezokuncintisana izishaya ngoswazi oluncane, futhi olungathi shu. Le nto yenza ukuba ziqhubeke nobugebengu ngoba zazi ukuthi kazenziwa lutho. Lokhu kwenza izwe lethu inhlekisa kwamanye amazwe. Ziningi izinkampani ezancisheka amathuba ngalobu bugebengu. Ihlazo elikhulu kakhulu wukuzwa ukuthi namabhange akwazi ukwenza ubugebengu obukhulu ngale ndlela exakile. 

Sasike sizwe ukuthi amabhange ayenzelela ngokobuhlanga, uma kuvela izinto ezinje, ngubani manje ongaphika lokho? Lokhu kuyasho ukuthi kumele lezi zikhungo zibhekisiswe kabanzi. Into ebuhlungu wukuthi abantu abahlukumezeka kakhulu ngalezi zenzo ngabamnyama, laba abadla izambane likapondo kakuzweli kubona. Abezinkampani ezizimele bakhe isithombe esikhombisa ukuthi ubuqola nobugebengu kukuhulumeni kuphela. Uma ubhekisisa, ubugebengu bangempela obudla imali eshisiwe eNingizimu Afrika, yilobu obenziwa yizinkampani ezizimele. Uma ubuka ubugebengu obenziwa ezimayini esezavalwa, benziwa “ngozama zama”, baningi abezimboni ezizimele ababandakanyeka kubona. 

Uma ungazibuza nje, ozama zama balidayisela bani leli golide abalimba ngokungemthetho? Le mishini eminingi, ngobani abanikazi bayo? Uma ubuka le ndaba, baningi abantu abenza lo msebenzi ongekho emthethweni. Uma ungabheka emuva, kwabona laba banikazi bezimayini ezingavalwanga, baphi? 

Uhulumeni usuphoqeleka ukusebenzisa imali yabakhokhi bentela ukulungisa into okufanele ngabe yayikhona ezivumelwaneni zawo nalezi zinkampani. Buningi ubudedengu ezinhlakeni ezahlukene embonini ezimele. 

Ngo-2022, empikiswaneni yePhalemende, ungqongqoshe wezokumbiwayo waveza ukuthi, leli lalahlekelwa wu-R49 billion ngo-2019, ngenxa yozama zama. Abantu ababoshwayo akubona laba abenza ubugebengu, kodwa yilabo abasuswa yindlala ezindaweni zabo noma emazweni abo. Kumele kubanjwe abathengi begolide nokumbiwa ngokungekho emthethweni. Uma kungenziwa njalo, iyophela into yozama zama. 

Kunezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, ezenza sengathi zisebenzela abantu kanti zingene shi ebugebengwini. Sike saba nezigigaba lapho kubulawa kakhulu obhejane, namanje basabulawa. Uma ungazibuza ukuthi ngubani osebenzisa uphondo lukabhejane, uthola ukuthi ngabantu basemazweni angaphandle kwe-Afrika njengaseVietnam naseChina. 

Abantu ababoshwayo kabalusebenzisi uphondo lukabhejane, kodwa basuke bethunywe ukubabulala ukuze bathole imali. Uma sibuka ubugebengu, kudingeka sisabalale ngengqondo, singabuki abantu bamazwe angomakhelwane bethu kuphela. Uma sibuka abantu abangena ngokungemthetho ezweni lethu, masingabuki ibala nokuthi umuntu uphuma kuliphi izwe, masibuke ubugebengu. 

Ubugebengu benzeka ngezindlela eziningi, kodwa imvamisa ukhona obukhokhelayo nobenzayo. Abantu abaningi abasemajele ngabenza ubugebengu, hhayi abakhokhela ukwenziwa kwabo. Uma kusekhona abakhokhela ukwenziwa kobugebengu, busazoqhubeka. Lokhu kusho ukuthi nezindlela zokufuna ziphinde zibophe laba bantu, ngeke zifane. Kufanele kube namaqhinga ahlukene. Ubugebengu obenziwa yizinkampani ezizimele kabunakwa, kanti yibona obubulala umnotho waseNingizimu Afrika.

* UMnu Callistus Bheki Nkwanyana uneziqu zeMasters in Governance and Political Transformation

Wayengumqondisi eKZN office of the Premier: Community Partnership and Moral Regeneration

Ungumbhali wencwadi: “Talking to Yourself: The Journey to Self-discovery” 

Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com naku: 0665445466 ngocingo neWhatsApp

Previous articleIyabuya iShosholoza Myl yodumo
Next articleOwoKhozi unqobe waveza eyokufakwa amanzi emadolweni nguTshatha