LUCKY CAIN
KAKUCACI ngembangela yokumiswa esikhundleni komholi wesikhashana wophiko lwentsha lwe-MK Party, uMnu Bonginkosi Khanyile. Encwadini esabalale ezinkundleni zokuxhumana izolo ngoLwesithathu, leli qembu lishicilele ukuthi uKhanyile uyashenxiswa esikhundleni sakhe sokuba uMxhumanisi woMkhonto WeSizwe Youth League (MKYL) kuzwelonke.
Le ncwadi iqhube ngokuthi ukushenxiswa kukaKhanyile kulesi sikhundla kuqala khona ngoLwesibili mhla ka-9 kwephezulu. “Kusukela manje usuzoba yilungu elijwayelekile leMKYL.
Uzokwaziswa lapho iqembu elikhetha ukukujuba khona ngokuhamba kwesikhathi,” okubhalwe kule ncwadi njengoba iphothulwe ngokumbonga ngeqhaza alibambile kuleli qembu. Asicaciswanga isizathu sokumiswa kwakhe kule ncwadi esabalale ezinkundleni ezahlukene zokuxhumana.
UKhanyile wazakhela udumo ngesikhathi eba ngomunye wabafundi ababoshwa ngesikhathi abafundi bebhikishela ukuqedwa kwemali yokukhokha ezikhungweni zemfundo ePhakeme kuleli (Fees Must Fall). Uphinde waba sematheni nangesikhathi ebhekene namacala okugqugquzela udlame ngesikhathi kunemibhikisho yangoNtulikazi (July) 2021.
Le mibhikisho yaqhamuka ngemuva kokuboshwa kukaMnu Jacob Zuma. UKhanyile uke waba yilungu leqembu iPatriotic Allince ngaphambi kokukhonjwa indlela ajoyine iMK Party. Kuzokhumbuleka ukuthi iPatriotic Alliance eholwa nguMnu Gayton McKenzie noMnu Kenny Kunene, yamkhomba indlela ngemuva kokubonakala emcimbini weMK Party okwabe kukhona kuwona uZuma. Usanda kuba sematheni futhi ngenkulumo yakhe ephehla udlame lapho asabisa khona ngokuthi ngeke lube khona ukhetho kuleli uma iMK Party noma uZuma bengavunyelwa ukungenela ukhetho.
Lokhu wakusho ngesikhathi kusaqhubeka amacala ayefakwe yi-ANC mayelana nokusetshenziswa kwegama Umkhonto weSizwe nelinye elabe lithinta uphawu laleli qembu. Imizamo yokuthola uKhanyile iphunzile njengoba ucingo lwakhe belivaliwe.