Kalikatholakali ithwasa elathunjwa likwagobela

714

Lagxavunwa ngamadoda angaziwa alifaka emotweni ahamba nalo

PHUMLANI GAMA


KABEHLI ubuthongo emndenini wowesifazane oyithwasa waKwaShukela, eJozini, owathunjwa ngamadoda angaziwa ayehlome ngezibhamu, esemzini kagobela wakhe kuyona le ndawo mhla ka-17 kuMfumfu (October) nonyaka. UNkz Gabisile Mpontshane (40) (osesithombeni), kuthiwa wathunjwa ngabesilisa abane, ababehamba ngeSuzuki empunga sasiliva (silver grey) enezino-mbolo zaseNew Germany, ePinetown. Ugobela kaNkz Mpontshane, uNkk Busisiwe Ndlovu (71) ohlala nekhehla lakhe uthi namanje akuvumi ukuba akhulume ngalesi sigameko ngoba kwayena samshiya ehlukumezeke kakhulu, samnyusela ngomfutho wegazi (High Blood Pressure).


Uthi abasolwa bafika bazenza abantu abadinga usizo lokwelashwa, bazibuzisa omunye umuzi. Babuye bashintsha bathi bahamba nomuntu ogulayo, okunguyena ababethi uyokwelashwa, bacela ukubanjiswa yena emotweni. “Bacela ithwasa lami ukuba libasize ukubamba lo muntu, kodwa nganqaba. Bathi kudala behlala namathwasa bona, baqhubeka nokuhamba nalo ithwasa, kuthe uma befika emotweni bamshovela phakathi. “Kwathi uma ngizama ukumemeza, ngizama nokuvimba imoto, ababili bakhipha izibhamu bangikhomba ngazo. Ngethuka kakhulu ngaleso sikhathi ngoba konke lokhu kwangivelela ngingedwa lapha ekhaya, umkhulu engekho.


“Kuze kube yimanje, kayaziwa ingane yabantu ukuthi ikuziphi izinkalo. Ngikhuleka nsuku zonke ukuba itholakale,” kusho uNkk Ndlovu. Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Bongani Mpontshane ongumfowabo kaNkz Mpontshane, uthe ibalelwa ngaphezulu kuka-R40 000 imali esichithiwe kuyiwa ezindaweni ezahlukene kuhlanganisa nabantu ababonayo kuzanywa ukuthola umkhondo, kodwa lutho. Uthi izingane zikadadewabo zihlala zibuza nsuku zonke ukuthi uphi unina.


“Umphakathi ubambisene nathi kakhulu, uma kuzwakala ukuthi kutholakale isidumbu somuntu, sigijimela kuleyo ndawo nawo umphakathi nangeminikelo yawo. Sesihambe kubantu abaningi ababonayo, abathatha imali emuva kwalokho singalutholi usizo. “Kuyiwa emaholidini kaKhisimusi nje, thina lapha ekhaya ngeke siwubone ngenxa yalesi simo sokunyamalala kukadadewethu. Sihlukumeza kakhulu ngisho nezingane zakhe ezimbili, lena efundayo ifeyilile ngenxa yakho ukuhlukumezeka emqondweni. “Encane yona ihlala ngokukhala ibuza ukuthi namanje kasimtholi yini unina,” kusho uMnu Mpontshane othi amaphoyisa afika nawo ezokwenza olwawo uphenyo.


Induna yendawo, uMnu Gerry Gumede, ithe kucelwa nabasemakhazeni kahulumeni nazimele ukuba bawuhlabe bawulawule uma kukhona isidumbu abangasazi. Ithe basaqhubeka nokuthungatha isisulu emihosheni nasemifuleni. “Siyacela ukuthi uma kukhona abambonayo okanye isidumbu somuntu wesifazane, asize asithinte noma athinte amaphoyisa. “Ibuhlungu indaba yokwenyuka kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabelaphi bendabuko, usemdala kakhulu ugogo ukuba angakhonjwa ngezibhamu.


“Kusukela lapho waqala ukuphazamiseka ngokwesimo sempilo yakhe. Muva nje besingcwaba amalungu omndeni wakwaNdlovu eBhambanana lapho izigilamkhuba zangena zizenza abantu abadinga usizo lokwelashwa kanti ziyohlasela, kwadutshulwa kwa-bulawa ubaba wakhona oyinyanga, umama wakhona oyisangoma nendodana yabo eyaphumela ngaphandle izwa ukuqhuma kwezibhamu egcekeni. “Nanamuhla sikhuluma into efanayo, izigilamkhuba zangena sengathi zifuna usizo lokwelashwa kanti ziyothumba ithwasa.

Lokhu kuchaza ukuthi akekho umelaphi osazovuma ukwamukela noma ngabe ngubani ngoba bayabulawa, bayathunjwa,” kusho uMnu Gumede. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala elivuliwe lokuthunjwa kowesifazane waKwaShukela. “Amaphoyisa aseNgwavuma aphenya icala lokuthunjwa kowesifazane. “Siyanxusa ukuthi uma kukhona abangaba nolwazi ngokunyamalala kwesisulu okanye abanolwazi ngemoto okubikwa ukuthi yayihamba abasolwa ngosuku lwesigameko, bashayele amaphoyisa,” kusho uCapt Gwala. www.ilanganews.co.za

Previous articleUSuthu luhlalele ovalweni ngomdlali
Next articleBazowuvala ngegiya eliphansi unyaka ‘abachithwayo’ emdlalweni iMbewu