‘Kasiguquki ekwesekeni iSilo’ okhulumela amakhosi

646

Sichithiwe isicelo sikaNdlunkulu sokuchibiyela amaphepha enkantolo kolobukhosi

AMATSHITSHI abeyingxenye yezinkumbi zabantu, okuhlanganisa namabutho, abebebuthene ngaphandle kweNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ukuyokweseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini njengoba bekuqhubeka icala lombango wamafa elifakwe wuNdlunkulu uSibongile, uMaDlamini, mayelana namafa kaMdlokombane.

THANDEKA NGOBESE
noSKHOSIPHI MTHEMBU

KUSOLWE uhulumeni ngokuxova uZulu njengoba wenza ebandleni lamaNazaretha izolo ngoLwesithathum emuva kokuchithwa kwesicelo sikandlunkulu wokuqala weSilo uZwelithini kaBhekuzulu, uSbongile, uMaDlamini, sokuchibiyela okuthile emaphepheni abewafake eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, efuna ukuba imishado yabanakwabo ithathwe njengento engekho futhi anikwe u50% wamafa omyeni wakhe ngoba ethi nguyena inkosikazi esemthethweni. UNdlunkulu MaDlamini ufuna umshado kaNdlunkulu Buhle uKaMathe, uNdlunkulu Mantfombi uMaDlamini (ongasekho), uNdlunkulu Thandekile uMandlovu, uNdlunkulu noMpumelelo uMaMchiza noNdlunkulu Zola KaMafu ithathwe njengengekho emthethweni ngoba yena ethi washada mhla ka-27 kuZibandlela (December) 1969, umshado ohlanganisa amafa, owawuvimbela eminye imishado emuva kwakhe.

Ijaji elengamele lolu daba, uMnu Mjabuliseni Madondo, kuthangi kudingidwa lolu daba, livezele inkantolo ukuthi kazikho izizathu ezinqala ezibekwa ngundlunkulu mayelana nokuthi kungani efuna le eminye imishado ichithwe. Lithe akukho nasizathu asibekayo ukuthi kungani efuna ichithwe ekubeni esehlale iminyaka engaka engasho lutho. Lithe kubuye kudide ukuthi yini ngempela ayifunayo njengoba kwezinye izigatshana kula maphepha asenkantolo kubuye kuvele ukuthi uyabemukela abanakwabo, akafuni baxoshwe emizini yabo ngokunjalo nezingane zabo uzithatha njengezakhe.


Lokhu kwenze ummeli kaNdlunkulu uMaDlamini, uMnu Nigel Redman abuye emuva kwekhefu esecela ukuthi kube khona abakufakayo emaphepheni asenkantolo okuzocacisa ngalokhu. Ummeli weSilo uMisuzulu noNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, u Adv Griffits Madonsela, uthe uma inkantolo ingavumela lesi sicelo sikandlunkulu kuyobe kusho ukuthi icala kumele liqalwe phansi, nabo bafake awabo amaphepha aphendulayo, okuzomosha isikhathi ekubeni lolu daba luyaphuthuma njengoba luthinta isizwe sonke. Ijaji uMnu Madondo linqume ukusichitha isicelo sikandlunkulu ngoba lithi sifakwe ngomzuzu wokugcina ekubeni ubenaso isikhathi esanele sokwenza lokhu.


Usigodlile isinqumo odabeni lwemishado yabanye ondlunkulu nokunikwa u-50% wefa lomyeni wakhe. Kube sekungena udaba olufakwe nguMntwana Ntandoyenkosi noMntwana Ntombizosuthu abazalwa nguyena uNdlunkulu MaDlamini, abafuna inkantolo ibukisise udaba lokusayinwa kwencwadi yefa njengoba beshaya amakhala ngayo. Ngaphandle kwenkantolo, umdlandla ubuphezulu emabuthweni eseka iSilo uMisuzulu njengoba nayizolo ngoLwesithathu abephume ngobuningi bawo.


Afike izolo nje, nangoLwesibili aqede cishe usuku lonke ngaphandle kwenkantolo ebuza ukuthi ngubani obizele iSilo uMisuzulu enkantolo. Ekhuluma nabezindaba unobhala wezinduna zamabutho KwaNongoma, uMnu Muzi Nyande, usole uhulumeni, wathi uphinda lokhu owakwenza kwaShembe ngokuxova uZulu. “Uma ngabe iNgonyama ifakwa enkantolo ibangiswa isihlalo, isibanga nobani? Bangaki ondlunkulu abalotsholwa zinkomo zethu siyisizwe? Uma lona omangalele iSilo ebanga lesi sihlalo, makatshele izwe ukuthi zazimbala muni ezakhishwa yisizwe zilobola unina, yayimbala onjani eyaqholisa unina, sasikuphi isigcawu nezibuko lomthimba kanina. “Makucace lokhu, isihlalo singesesizwe kodwa indlunkulu isisingethe kuphela,” kusho yena.

Previous articleImpicabadala kolwemeya eMtuba
Next articleIChiefs seyilushove kwiSafa olwePSL