Kayazi nanyaka ingane esiphenduke isilomo ezinkundleni zokuxhumana

302

Umndeni kaLisakhanya (3) uthi uyafisa ukusebenzisana nenkampani yezinkwa i-Albany

NONHLAKANIPHO SHINGA

UFISA ukuthi okungenani uhlomule noma yingokwakhelwa umuzi umndeni wentombazanyana eneminyaka emithathu, ethathe izinhliziyo zabaningi ezinkundleni zokuxhumana, uLisakhanya Mjaji. Le ngane yaKwaNongidi, KwaMachi, eHarding, iphenduke usaziwayo kwiFacebook, iTwitter neTik Tok, ngenxa yezithombe ezithwetshulwe nguninalume wayo uMnu Lungisani Mjaji (25), owenza izifundo zeCommercial Photography, eTshwane University of Technology (TUT). ILANGA lihambele kwaNongidi, lapho kuvele kucaca bha ukuthi uLisakhanya, ekhaya obizwa ngoLisa, usephenduke isilomo ngoba uma ufuna ukuyalelwa kubo, ngisho izingane ezincane endaweni zibuza kuqala ukuthi ufuna kubo kwengane yesinkwa ethrendayo.


Okumangazayo wukuthi uma usufike kubo, uLisa uyazibonakalela nje ukuthi akazi nokuthi lidumephi. Ngokusho kukaninalume kaLisa, uthi wakhetha ukuthatha lezi zithombe ngemuva kokufikelwa wumcabango, ngoba ebona ukuthi abantu basezindaweni zasemakhaya bangabanye babasebenzisa imikhiqizo yezinkampani ezithile ngokwethembeka. Uthi ubone ukuthi lezi zinkampani kungazisebenzela ukusebenzisa abantu basemakhaya ukumaketha yona le mikhiqizo. “Ngifikelwe umqondo wokuthatha izithombe ingane ibuya kothenga isinkwa ngoba ngibona indlela abantu bakithi abathembeke ngayo ezinkampanini ezinjengalezi. “Bengingazi ukuthi ukuzifaka ezinkundleni zokuxhumana kuzokwenza abe eseduma kangaka uLisa.


Kuyasijabulisa nathi ukubona abantu bemthanda kangaka,” kusho yena. Uthi ngemuva kokusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana abakwa-Albany, babe sebehambela kubo, bafika bephethe izipho. “Okwamanje zikhona izingxoxo eziqhubekayo kodwa kakukho okusavunyelwene ngakho, kuyothi uma sekukhona bese siyakuveza. “Siyabonga ngokusihambela kwabo nakuMnu Mzwakhe Ephraim Mkhize, uNkk Xolile Biyela noMnu Clive Moolman, abathathe emaphaketheni abo, kwakhona abakuphathela uLisa ngesikhathi bezombona,” kusho uMjaji. Uthi nabo noma bebona ukuthi uLisa akazi ukuthi kwenzekani kodwa banethemba lokuthi uyabona ukujabula nokuziqhenya abanakho ngaye. “Njengomndeni siyaziqhenya kakhulu ngaye, nabazali bakhe bajabule kakhulu. Sifisa ukuthi abe nekusasa eliqhakazile.”


Uninakhulu kaLisa, uNkk Coshiwe Mjaji, uthe kusho ukuthi kwakuyisiphrofetho ngesikhathi eqanjwa njengoba eseletha ukukhanya emndenini. “Sijabulile sizwa ukuthi usesabalele ezinkundleni zokuxhumana, nokufika kwabakwa-Albany sikujabulele. “Sinethemba lokuthi kukhona ukushintsha kwempilo yethu okuzokwenzeka njengoba lapha ekhaya kungasebenzi muntu. “Naye umalume wengane lena uyindodana yami, kube nzima ukuthi ngimyise esikoleni ayofundela umsebenzi. “Kudingeke ukuba ngidayise izinkuni engizithezile, ngiphinde ngifulele imizi yabantu ngotshani ukuze kungene imali. “Naye sengilinde ukuba aqede esikoleni, akwazi ukusilekelela,” kusho uNkk Mjaji. Uthi bayafisa ukuthi uma ziphumelela izingxoxo phakathi kwabo nabakwa-Albany okungenani bakhelwe indlu ngoba bathi bayafisa ukuthi le nkampani isebenzise ubuso bukaLisakhanya emikhiqizweni yayo. Ezinkundleni zokuxhumana, ngisho osaziwayo bathi bacela ukuba le nkampani yenzele lentombazanyana ‘ubulungiswa’. Umculi we-hip hop, uBig Zulu ube ngomunye wabakhombise ukuyithandale ntombazanyana.

Previous articleONESI BAKULELI ETHUBENI LOKUFUDUKELA EGERMANY
Next articleIkhathaza iPSL eyamakilabhu ahlawuliswa yiFifa “ngobuhlathi”