LUCKY CAINĀ
LINGAPHANDLE ngebheyili iphoyisa elisolwa ngokuhlukumeza amalungu omphakathi eNewcastle namaphethelo, eliboshwe ngoMsombuluko lavela enkantolo ngoLwesibili, laphuma ngebheyili ka-R1 000.
USgt Sibusiso Kunene okunesithombemnyakazo (video) esasabalala ezinkundleni zokuxhumana, ebonakala ekhahlela abathile emgwaqweni uN11 emasontweni ambalwa adlule, uvele eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle ngaphambi kokuthi icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-22 kwephezulu.
Uboshwe wuphiko oluphenya amacala amaphoyisa, i-IPID.
Okhulumela i-IPID, uMnu Robbie Raburabu, ukuqinisekisile ukuboshwa kwakhe, waveza ukuthi uboshelwe amacala awu-6 okushaya ngenhloso yokulimaza nelokukhomba ngesibhamu.
Leli phephanda labika ngaleli phoyisa ngeledlule, lapho kwavela nabanye belisola ngakho ukuhlukumeza.
Labika nangamacala leli phoyisa elavulelwa wona njengoba kunamanye okungacaci ukuthi aphelelaphi.
UMnu Raburabu akafunanga ukuqinisekisa ukuthi asekhona yini amanye amacala abengakavezwa athinta uSt Kunene.
Leli phephandaba lithole ukuthi kazeneme izisulu ngebheyili etholwe yileli phoyisa, kodwa zinethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka njengoba seliqalile ukubhekana nengalo yomthetho.
www.ilanganews.co.za