Kubanjwane ngamawashingi kowoSuthu neRoyal AM

590

Isixakaxaka siqale ngaphambi kwalo mdlalo obushubile

URUZAIGH Gamildien weRoyal AM noRamahlwe Mphahlele wamaZulu FC.

MFANAFUTHI NDLOVU
KUCISHE kwafinyiswana igazi emdlalweni wamaZulu FC ebambana neRoyal AM ngo-1-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Igoli le-AM lize noRuzaigh Gamildien kwathi eloSuthu leza noBonginkosi “Mdeva” Ntuli, okuchitshiyelwe ngaye umdlalo usuyophela. Lo mdlalo womkhaya bewunezigemegeme njengoba kuqale ngokuthi i-AM ithwale kanzima ukungena ngebhasi layo elithwala abadlali enkundleni. Ligcine lipakwa ngaphandle, abadlali bangena ngezinyawo. Lo mdlalo uke wamiswa isikhashana ngenxa yokucima kwezibani cishe imizuzu ewu-12. Kakugcinanga lapho njengoba kuke kwaba nesigameko lapho uSuthu lusole khona unondweba ngokulubamba inkunzi, ephika igoli abeqale walivuma likaHendrick Ekstein.


Ngaphambi kokuba ibhola lifike ku-Ekstein, lishayise esandleni kuSamuel Manganyi oyisitobha se-AM.m Umqeqeshi woSuthu uRomain “Fohloza” Folz ubedinwe egane unwabu emuva kwalo mdlalo njengoba ethe utshelwe yi-fourth official, ngesikhathi unondweba esashaya indiyandiya, ukuthi nakanjani bazonikwa iphenathi uma kuwukuthi igoli liyaphikwa ngenxa ye-offside, okugcine kungenzekanga. Impi iqhubekile nangemuva komdlalo njengoba ILANGA lizibonele onogada abebeqashwe kulo mdlalo bexakazisa uShauwn Mkhize, ongumnikazi we-AM, emhhumeni ophuma ezindlini zokushintshela abadlali. Kube nesixakaxaka kubanjwana ngamawashingi kwaze kwalamula amaphoyisa. Ngemuva komdlalo, uFohloza uthe nakuba engakuthandi ukukhuluma ngonondweba kodwa kulo mdlalo bekubukwa bona. Uthe i-fourth official ebitshele ibhentshi labo ukuthi bazonikwa igoli noma iphenathi, ivele yagwajaza eseyiqonda eyoyibuza bengasatholi lutho. UJohn Maduka, opheka i-AM, utshele abezindaba ukuthi ngeke akwazi ukuphawula ngezinto ezingathinti ukudlalwa kwebhola ezenzeke enkundleni nangaphandle kwayo. Uthe abadlali bakhe badlale kahle kulo mdlalo futhi limqoka kakhulu iphuzu abalitholile.


Uthe basempini yokudlula emaphuzwini awu-30 ukusuka emngceleni wezembe. Wengeze ngokuthi umdlalo wabo neSekhukhune United ozokuba ngoMgqibelo umqoka ukuba bawunqobe. USolwazi Ronnie Schloss wePremier Soccer League (PSL) uthe ubengakayitholi i-video lapho kubanjwana khona ngamawashingi kulo mdlalo. Uthe uma eseyitholile uzoyihambisa kumshushisi omkhulu wePSL uZola Majavu. Uthi lena yinto engeyinhle kanti uma yenzekile, izobulala isithunzi sePSL.

Previous articleKudutshulwe kwabulawa obekhulelwe amawele
Next articleSigwetshwe odilika ababili isangoma esadlwengula, sabulala