Angase angaphinde abonakale eqenjini lesizwe
SENZO SOKHELA
KUBANJWE umoya ngomdlali wakuleli we-cricket okuvela ukuthi uthi meke nje yahlehliswa imidlalo yeTwenty20 World Cup yanonyaka kungenzeka angaphinde abuyele eqenjini lesizwe.
U-AB de Villiers (36) (osesithombeni) obengukaputeni weProteas, umemezele ukuthi uyashiya kuleli qembu kulona lonke uhlobo lwemidlalo ngo-2018.
Selokhu ehambile izinto azilihambeli kahle leli qembu.
Sikhulu isikhalo kubathandi balo mdlalo njengoba bethi kufanele ancengwe abuyiswe.
Bekubhekwe ukuba ashaye ibuya emidlalweni ye-Twenty20 World Cup ezokuba ngoMfumfu (October) e-Australia.
Nokho ziya ngokuqina izinsolo zokuthi nayo le midlalo ingase ihlehliselwe unyaka ozayo njengoba kubhidlange i-coronavirus esidale ukuthi kuhlehliswe ezemidlalo umhlaba wonke.
UDe Villiers uthi uma nale midlalo ingahlehliselwa unyaka ozayo akaziboni ebuyela kwiProteas.
“Uma le midlalo ihlehliselwa unyaka ozayo ziningi izinto ezizoshintsha.
“Okwamanje ngiyezwa ukuthi ngikulungele ukudlala, kodwa angazi ukuthi umzimba uzobe unjani ngaleso sikhathi.
“Uma ngizizwa ngisesimweni ngizodlala kodwa uma ngingazizwa kahle ngeke ngidlale.
“Angiyena umuntu okhonze ukwenza izinto esefuqwa ngemuva, ngikholelwa ekutheni kufanele ngiye entweni ngokuphelele.
“Uma ngisesimweni kuzofanele nami ngizibonakalise kumqeqeshi uMark Boucher kube nguyena onqumayo hhayi ukuthi ngingene nje kalula,’’ kusho uDe Villiers.