Kubatshazwa intobeko kuDkt Frank Mdlalose

664

Kuthiwa ubezehlisa ngisho kungeyena osephutheni

NguDkt Frank Mdlalose, nguMfundisi Kenneth Meshoe ongumholi we-ACDP noMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.

NONHLAKANIPHO SHINGA noBONGINKOSI ZONDI

KUBATSHAZWA intobeko, wuthando nokungazithwali yize ebeyisifundi-swa esidlula ezini-ngi eminyakeni edlule, uDkt Frank Mdlalose owa-ba ngundunankulu wokuqala wa-KwaZulu-Natal – kusukela ngo-1994 kuya ku-1997, ngethikithi le-IFP – odlule emhlabeni ngeSonto. 

UMfu Musa Zondi owake waba ngunobhala-jikelele we-IFP, uchaze uDkt Mdlalose njengomuntu obe-nothando, ekhaliphile. Uthi waqala ukuhlangana noDkt Mdlalose ngo-1975 ngesikhathi kusungulwa iNka-tha, akuqaphela ngaye ngaleso si-khathi wukuthi wayehlakaniphile kodwa engafuni ukuthi kugqame lokho. 

“Waba ngungqongqoshe kuhulumeni waKwaZulu ngo-1978, walwela amalungelo abo bonke abantu engabheki ubuqembu bomuntu. Ukuqokwa kwakhe ukuba ngundu-nankulu wokuqala waKwaZulu-Na-tal – ngaphansi kukahulumeni we-ntando yeningi – kwenzeka ngenxa yamagalelo akhe ayesebonakele kwezepolitiki. 

“Nakhona akaphoxanga, waqini-sekisa ukuthi usebenzela abantu bakulesi sifundazwe. Ngisho 

uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, akazange aye kwiCodesa ngoba waye-thume yena uDkt Mdlalose,” kusho uMfu Zondi. 

Uthi uDkt Mdlalose ubezehlisa ngisho kunguyena osephutheni fu-thi ubengakaze ambone ethukuthe-le. Uqhuba athi wayengomunye wa-bantu ababehamba phambili eku-bhuleni umlilo wodlame lwezepolitiki olwaholela ekuchithekeni kwe-gazi eliningi phakathi kwamalungu e-IFP ne-ANC. 

“Ngisho kunabantu abashiselwe imizi nguye obehamba phambili ukulekelela lapho engakhathalele ukuthi ungowaliphi iqembu. Sila-hlekelwe kakhulu kulo mkhakha,” kusho yena. 

UKUZALWA KWAKHE

Ngokomlando obhalwe nguye uqo-bo encwadini yakhe ebizwa ngoku-thi “My Life”, uDkt Mdlalose waza-lwa mhla ka-29 kuLwezi (Nove-mber) ngo1931 nguMnu Zwelabo Mdlalose, noNkk Thabitha Dorcas Nondombo (uMaMthembu). 

Ngo-1936 wayevame ukuphelezela umnewabo, u-Amos uma eya esikoleni eNhlokoma Primary. 

Lapha esikoleni waba wuhlupho ngokuxabana nabanye abafundi, ikakhulukazi abesifazane, waze we-nqatshelwa ukuya khona ngenxa yokuphazamisa abanye abafundi. 

Waze wangena wafunda kahle ngo-1937. Ngaleyo minyaka othisha babelusebenzisa uswazi ezingane-ni, bengadlali. Ngo-1943 wadlulela ePholela Boarding School. 

Kule ncwadi uveza ukuthi okwamenza wanquma ukufundela ubudokotela wukuqundeka amehlo ku-kayisemkhulu wangabe esabona, yisilonda esingapholi esasiphuma ubomvu enqulwini kayisekazi, uJuliet nesifo sofuba kumnewabo u-Amos.

E-FORT HARE

NgoNdasa (March) wango-1950 efi-ka e-University of Fort Hare, we-thulwa ngumnewabo u-Edward ku-Mntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Bachitha ihora lonke bexoxa be-hlukaniswe wucingo lwamahostela abo. 

Okuningi kwababexoxa ngakho kwakuwumlando we-ANC nophiko lwayo lwentsha, i-ANC Youth Leag-ue. Uthi nguyena umntwana owamenza wajoyina i-ANC, emyalela nangomhlangano owawuzoba kho-na elokishini eNtselamanzi. 

Kusukela lapho, uthi amandla e-ANCYL aya ekhula eFort Hare naphezu kokuba umphathi wenyuvesi, uSolwazi CP Dent ayeseyivalile. Kule nyuvesi wabhalisela iziqu zeBSc aziphothula ngo-1953. 

UFUNDELE UBUDOKOTELA

Esephothulile eFort Hare, wadlu-lela e-University of Natal – esibizwa nge-University fo KwaZulu-Na-tal (UKZN) – ukuyofundela iziqu zo-budokotela bokwelapha (MBChB). 

Mhla ka-24 kuLwezi (November) 1956, waganwa yintokazi yakwa-Skhosana eMsinga, u-Eunice. 

Waphothula izifundo zobudokotela ngo-1958. Babusiswa ngabantwana abawu-5, amantombazane awu-2 nabafana abawu-3.

UPHINDELA KWEZOMBUSAZWE

 NgoNhlolanja (February) 1975, wa-menywa nguMntwana Mangosuthu Buthelezi ukuba ahambele umhla-ngano owabe uzothatha izinsuku ezintathu ngoNdasa (March) Kwa-Nzimela nabanye abantu abaqavi-le. 

Njengemeya yaseMadadeni, kwakumele aphelezelwe ngelinye ilu-ngu lomkhandlu, okwaba ngu-Amaria H Ndlovu (owayeyikhansela), owayenguthishanhloko wesikole samabanga aphansi saseMadadeni. 

Abantu ababekulowo mhlangano kwakuyilaba: uMntwana uMangosu-thu Buthelezi, uBishop Dr Alpha-eus Hamilton Zulu, uDr Helen Ngobese, uMnu Sim-on Mthimkhulu, uMnu Selby Msimang, uProf Otty Nxu-malo, uProf Sibusiso Nyembezi, uMnu Gideon Mdlalose, 

uMntwana Gideon Zulu, uMfu Celani Mte-twa, uMnu Excell Msi-mang, uMfu Enos Z Sikha-khane, uMnu Eric Nguba-ne,  uDkt Frank Mdla-lose, uMnu Zakhele Khu-malo noMnu Eliakim Mthiyane.

AMAZWI ENDUDUZO

UMNU Zondi uthi ukudlula emhlabe-ni kukaDkt Mdlalo-se kufana nokuthi naye ulahlekelwe ngumzali ngoba ezi-nye zezingane zakhe wayefunda nazo. 

“Kubuhlungu ngiyazi, kodwa sicela niduduzeke ngoba uDkt Mdlalose uyi-bekile induku eba-ndla. Okuhle wukuthi imisebenzi yakhe emihle iyohlala imlandela. Sengathi angaphumula ngoxolo,” kusho yena. 

Uthe kuyajabulisa ukumemezela kukaMe-ngameli Cyril Ramaphosa ukuthi uDkt Mdlalose uzo-hlonishwa ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. 

“Lokho kumfanele kakhulu futhi kusho lukhulu nangamaga-lelo akhe emkhakhe-ni wezepolitiki,” kusho yena. 

Inkonzo yakhe yokugcina izoba seMadadeni, eNe-wcastle namhla-nje ngoLwesine.

Previous articleWenze isethembiso umqeqeshi woSuthu
Next articleKukhonjwa abe-SRC ngesiphithiphithi eDUT