KUBATSHAZWA ISHOBOLO KUMINZA ABABILI

1372

MTHOBISI SITHOLE

NGUMNU Smukele Shabalala ominze eyobona intombi yakhe no NGUMNU Ayanda Khumalo ominze ethi ubheka uMnu Shabalala.

“LIGIDE” liphindelela ishobolo KwaMabaso, eMsinga izinsizwa zakule ndawo zimuka nomfula uThukela ngokwehlukana izinsuku zilandelana. NgoLwesine kumuke uMnu Smukele Shabalala okuthiwa ubewela eyobheka intombi yakhe kanti enye insizwa yendawo, engu-Ayanda Khumalo izothi makungenwe emanzini athungathwe ngoLwesihlanu kanti nayo izomuka.
Abanye ababili abebengene noMnu Khumalo, basinde ngeNkosi njengoba nabo kuthiwa bacishe ba-hamba nomfula.
U-Ayanda uyakwazi impela ukubhukuda kodwa kulesi siziba angene kusona angazi isibindi ubesithathephi ngoba akuyi lubuyayo.
“Ungenileke wathungatha isidumbu sikaSmukele. Sivele sathuka sonke engasaphumi emanzini kanti laba abengene nabo baphume sekunzima bethi amanzi ayashona,” kusho umthombo.
Uthi noma ngabe besibonakele isidumbu ebesifunwa sintanta emanzini, kodwa akekho obengakwazi ukungena ngenxa yobungozi bomfula.
Kuthiwa intombi ebiyobonwa, yiyona ebone isigameko sokuminza kwesoka layo ngoba bebexhumana ngomakhalekhukhwini ngesikhathi ingaphesheya komfula.
Isidumbu sikaMnu Shabalala kuthiwa sitholwe ngoMgqibelo endaweni KwaNogawu khona eMsinga okuvela ukuthi iqhelile nalapho aminze khona.
ILANGA likhulume nelungu lomndeni kaMnu Shabalala elicele ukungadalulwa elithe likholwa wukuthi elokufa kalitsheli ngoba bekubonakala ukuthi umfula ugcwele kulezi zinsuku.
“Likhona ibhuloho nakuba liqhelile, kodwa ikhona indawo yokuwela eduze komfula lapha ngasekhaya,” kusho leli lungu lomndeni.
UMnu Njabulo Malembe oyisihlobo sikaMnu Khumalo, uthi kujwayelekile ukuthi uma kunezigameko ezifuze lezi bese abafana bendawo abayizinhlambi bangene emfuleni balekelele.
“Sibhekene nesimo esinzima ngokuminza komunye umuntu ekubeni sisakhungathwe wukumuka komunye. Kangilazi ibhadi elinjena,” kusho uMnu Malembe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele akatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba, uthunyelelwe ubhalo-nyazi kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelile kuleli phephandaba.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKUSOLWA OWAYENGUMFUNDI NGOKUSHISWA KWESIKOLE
Next articleIthelwe isibhaxu ingqwele yosondonzima