Kubatshazwa isihluku iphoyisa lesifazane “lidubula libulala owesilisa”

773

NONHLAKANIPHO SHINGA

UMNU Khethokuhle Mvuyane okuthiwa wadutshulwa wabulawa yiphoyisa 
lesifazane.

UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseMgababa, eThekwini, obengumshayeli wezimoto zakwa-Uber, okubikwa ukuthi udutshulwe wabulawa yiphoyisa lesifazane ngoMgqibelo eWinkle-spruit, ngaseManzimtoti, okungacaci ukuthi baqhathwe yini. 

Umndeni kaMnu Khethokuhle Mvuyane (26), uthi abantu abebekhona edutshulwa yileli phoyisa okumanje lingaphandle ngebheyili – bathi akukho ngxabano ebekhona phakathi kwabo, futhi bebengazani kwakwazana. 

Ekhuluma neLANGA uninalume kamufi, uMnu Nkosini Mvuyane, uthe: “Ngokuthola kwethu ngabebesemotweni, uKhetho ubehamba nje emgwaqweni kwaba nemoto ebihamba ngendlela engaqondakali phambi kweyakhe, igcwala umgwaqo, obekungathi abantu abakuyona bayaxabana. Bathi uzame intuba, wadlula ukuze angagcini etheleleka ngamachaphazelo.”

Uthi kuvela ukuthi ngesikhathi edlula elibhekise eWinklespruit, ubone le moto imlandela waqhubeka nokuhamba. Kuthe uma epaka, kwehla lona wesifazane waqonda ngqo kuyena kwabanokuhilizisana okungatheni. 

Laba abebehamba nomufi kuthiwa bavele bamangala nje ukuthi kwenzekani njengoba kuthiwa akubanga khona ukushayelisana kabi ngesikhathi imoto kamufi idlula obekukhona kuyona leli phoyisa. Kuthiwa umufi utshele leli phoyisa ukuthi uma kukhona akwenzile, uyaxolisa. 

“Lona wesifazane kuthiwa udonse isibhamu wadubula uKhetho esephakamise izandla exolisa, ebuza ukuthi wenzeni. Ubalekele esitolo esiseduze, lona wesifazane wamlandela wamdubulela khona ihlandla lesibili,” kusho uMnu Mvuyane. 

Uthi uthuke woma ngesikhathi ethola ucingo lokuthi sekwenzeke lesi sigameko ngoba umshana wakhe akayena umuntu onodlame futhi ubengeke alwe nomuntu womthetho. 

“Zonke izingane ziyaganga zinamaphutha, kodwa kangikholwa ukuthi ukubulawa kwakhe ngesihluku esingaka bekuyinto emfanele. Kusishaqisile njengomndeni ukuthi kwayena umsolwa ngumuntu wesifazane onezingane. zishonephi izinseka lezi abantu besifazane abahlale bethi banazo?” kusho yena.

Umndeni uthe uzwile ukuthi umsolwa uboshwe ngawo uMgqibelo, waphuma ngoMsombuluko. 

“Njengamanje silungiselela ukumfihla umfana nesingasho nje ukuthi silahlekelwe ngoba ubesemncane kakhulu, unina bekusekuningi abekulindele nabekubhe-ke kuyena. Sinethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka,” kusho uMnu Mvuyane. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi ngesikhathi kuqala lesi sigameko, kukhona ufakazi obekwenye imoto oqophe obekwenzeka ngomakhalekhukhwini wakhe kusukela isisulu sidlula le moto yephoyisa kwaze kwaba umsolwa uyadubula.

“Ikhona nje i-video eqoshwe ngumuntu obelandela imoto ebeyishayelwa yisisulu. Ngisho nasesitolo lapho angene khona esedutshulwe okokuqala, i-video iyakhombisa isihluku adutshulwe ngaso lo mfana,” kusho umthombo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe umsolwa uboshwe ngoMgqibelo wavela eNkantolo yeMantshi eThekwini, wadedelwa ngebheyili, kukulindeleke ukuba abuyele enkantolo maduze. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

Previous articleAkanandaba nabamgxekayo owine kuma-Crown
Next articleImibuzo ngekusasa lomqeqeshi weBucs