Kubatshazwa ukujula kwenkinga yodokotela bomgunyathi

152

BHEKI NDLOVANA 

IBABAZA ukujula kwenkinga yodokotela bomgunyathi iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA), ebihlangene nezisebenzi zezempilo – ezibhalise ngokusemthetweni ngaphansi kwayo – ngoLwesithathu, eThekwini.  Lo mhlangano ubuhlelwe ngenhloso yokuba abasemkhakheni wezempilo bawuqonde kahle umsebenzi weHPCSA. 

UDkt Magome Masike (osesithombeni) oyi-registrar eHPCSA, uthi ukuboshwa kodokotela bomgunyathi kuyingxenyana encane yenkinga ejule kakhulu. Usho kanjena nje, kusanda kuboshwa abasebenza emkhakheni wezempilo – eCape Town, eGoli naseMpumalanga – okutholakale ukuthi kababhalisiwe ngokusemthethweni kwiHPCSA. 

Ngonyaka odlule kuke kwaba nowesilisa obe sematheni ezinkundleni zokuxhumana, obezibiza ngodokotela uMatthew Lani, oku-gcine kutholakale ukuthi akayena udokotela osemthethweni. 

UDkt Masike uthi kunocwaningo olusanda kwenziwa oluveza ukujula kwenkinga yodokotela bomgunyathi nokuthi baningi ababandakanyeka emkhonyovini – akubona kuphela odokotela – okwenza kube nzima kakhulu ukubhekana nayo.  Uveze ukuthi umphakathi uyabasiza ngokubancinza indlebe ukuze bakwazi ukubamba odokotela abangekho emthethweni. 

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleEnye intsha ibona ukuvota kungeke kuyisize ngalutho
Next articleAbefundisi boNyazi “baxoshelwe” ukubuyisa amaNazaretha aseThembezinhle