kubatshazwa unya kudutshulwa abesifazane

549
uNkz Ncamsile Shange (34), ungomunye kwabesifazane ababili kwabathathu abadutshuliwe ngomgqibelo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMFUNDO NGWANE

KUBATSHAZWA unya kwabesilisa abadubule babulala abesifazane abathathu, kwalimala namanye amalungu omphakathi abeyingxenye yomhlangano wokuqoka igama lefolosi le-ANC, okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba mhla lulunye kuLwezi (November) 

nonyaka, obuseNhlanhlayethu Primary School, eNanda ngoMgqibelo. 

Bekuyoqokwa ifolosi laleli qembu ku-ward 64, ngaphansi kukaMasipala weTheku. Kulesi sigameko – esiholele ekutheni kwakuqokwa kwegama kuhlehle – kubulawe uNkk Beatrice Dlamini (75), uNkz Philisiwe Jili (29) noNkz Ncamisile Shange (34), kwalimala abanye besifazane abane nomfana oyedwa. 

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela. Ikhansela lendawo, uMnu Mandla Mkhwanazi, ebelikhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, likhuluma neLANGA lithe: “Bekuyizithuba zo-4 ntamba-ma sihlangene namalungu omphakathi ngaphandle kwesikole, 

sikhuluma indaba yamagama aba-ntu abaphakanyisiwe ukuba bayongenela ukuba ngamakhansela. 

“Siqede lapho sahlela ukuvula amasango esikole ukuze sizongena ngaphakathi, siqale sikhethe ema-gameni abantu abawu-6 abephaka-nyisiwe. 

“Kuqhamuke iveni emhlophe, ngaphambili kuhleli amadoda amabili, ngemuva kuhleli amathathu. Ivele yama ngaphambi kwesango lesikole, abebephakathi bangakhuluma lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise emalungwini omphakathi,” kusho uMnu Mkhwanazi. 

Uthi kuqhume isibhamu abantu bahlakazeka, babaleka bezama ukucasha njengoba ababulali bebedubula befayela ngenhlamvu nje. Utshele ILANGA ukuthi kubona bonke abadubulekile abengekho amagama abo kulawo abepha-kanyisiwe. 

UMnu Selby Dlamini ongumyeni kaNkk Dlamini, uveze ukuthi lesi sigameko senzeke inkosikazi yakhe isanda kuphuma emzini wabo iya kulo mhlangano. 

“Uphume wasitshela ukuthi esikoleni kunomhlangano wokuyokhetha abantu abazongenela ukhetho lwamakhansela. Kangizange ngikholwe ngesikhathi kufika abantu bezongitshela ukuthi 

mangiphuthume esikoleni, sekwenzeke umonakalo ofana nalo, inkosikazi yami isidutshulwe yashona. 

“Namanje ngisazibuza ukuthi ababulali baze babulala abantu besifazane ngesihluku esingaka nje, bebethunywe ngubani,” kusho uMnu Dlamini. 

UNkz Zandile Shabangu ongunina kaNkz Shange, uthi indodakazi yakhe ibizi-thanda izinto zepolitiki. Uthe ibijwayele ukuha-mbela imihlangano 

yomphakathi uma ibiziwe. 

“Uphume ekhaya washo ukuthi banomhlangano. Ngithole ucingo esanda kuhamba lusibikela ukuthi sekonakele. Ibuhlungu indlela indodakazi yami eshone ngayo ibe 

ingonanga muntu,” kusho uNkz 

Shabangu.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnu Nhlakanipho Ntombela, uthe bese bezwile ngalesi sigameko. 

Udlulise amazwi enduduzo emindenini ehanjelwe yizihlobo zayo kulesi sigameko. 

“Besingasilindele lesi simo, sisethusile kakhulu. Le nto eyenzekile iwubugebengu nje, kayihlangene nezepolitiki,” kusho uMnu Ntombela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa avule amacala amathathu okubulawa kwabantu eNanda, nawu-5 okuzama ukubulala. 

Uthe amaphoyisa asaphenya. Bekungakaboshwa muntu.

nomfundo@ilanganews.co.za 

Previous articleUnogada uqothe (6) egajwe yisikhwele
Next articleIlamanisile incoyincoyi